NQOBILE MASIMULA
NAMHLANJE wusuku olukhulu, Isolezwe lizoqopha umlando njengoba ilokhu iqhubekile imzungezo yokugubha iminyaka engu-20 lasungulwa.
Umzungezo wanamuhla uhambele indawo yobumnandi yaKwaMashu, e-Artizen Restuarant and Lounge.
Uhlelo luzobe luphethwe nguMasikane ongumsakazi kwiVibe FM, Kyos the MC noNduduzo Khowa odlala indawo kaRaphael kuZalo.
Phakathi kwabaculi abalindelekile ukuthi banandise kubalwa uDJ Happygal, Costa Dolla, Zakwe, Worst Behaivour, Thenjiwe, Gaba, DJ PG Spice noCelestial MC.
UPhumi Mkhize, oyisikhulu kwezokumaketha kwiSolezwe uthe abantu mabaphume ngobuningi babo ngoba kuningi okuzokwenzeka okuzobajabulisa.
“Abantu mabaphume ngobuningi futhi benze isiqiniseko sokuthi bafika ngesikhathi. Kunomhlomulo esiwubekele abantu abangu-50 abazofika kuqala,” kusho uPhumi.
Uveze ukuthi isiteshi somphakathi iVibe FM, uzobe usakaza bukhoma e-Artizen.
Ngaphambi kokujuxuza ithimba leSolezwe lizohambela ikhaya labakhubazekile, iHlahlindlela Disabled Home, lapho bezobe beyonikela khona.
Ukuqhubeka nemigubho, uPhumi uthe emasontweni ezayo kuzokwenziwa umtomulo womncintiswano wemoto lapho umfundi oyedwa ezoba senhlanhleni yokuwina imoto entsha ceke.