UMDIDIYELI womculo, uMondli Ngcobo, osesakaza kwiGagasi FM, ukhala ngobunzima bokusakaza.
UMondli wethula uhlelo iGagasi FM Music Sessions - Afro njalo ngoMsombuluko ngo-8 kuya ku-10 ebusuku.
“Noma ngingenawo amava kodwa kuyajwayeleka kancane kancane. Okwamanje ngisafunda ukusebenzisa imishini ngoba phela angizange ngiqeqeshwe ngaphambi kokusakaza. Kunzima ngoba kufanele ngifunde ngokwenza. Ngizimisele ukubhekana nezingqinamba ezihambisana nomsebenzi,” kusho uMondli.
“Abantu bayasho ukuthi ngiyajwayela manje. Kukhona nje omunye owabhala kuTwitter esigxeka sinoKhaya Dladla ethi yena (uKhaya) akakwazi ukufunda isimo somgwaqo. Wayethi ufuna iGagasi libuyele entweni abayijwayele. Usebuyile manje uthi uhlelo lwami lumnandi. Abantu bangamaxoki. Bahlale bekhuluma. Kukhona nabanye ababethi uma ngicula angidansi. Uma ngingasadansi bazothi ngiwile futhi.”
Uthe njengoba engakajwayeli kahle akakwazi ukwethula izinto ezintsha eza nazo ohlelweni.
“Inhloso wukugqamisa abaculi abangaziwa. Ngifuna kube lula ukuthi umculo wabo udlale emsakazweni ngoba mina nginomthelela omncane ezinqumeni ezithathwa yikomidi lomculo. Ngikwazi ukudlala izingoma ezingekho ohlwini. Ngifuna futhi ukuthi ngibe nabaculi bukhoma,” kusho yena.
Uthe wayefuna ukungena emsakazweni kodwa abe nesigaba esithile hhayi uhlelo lonke.
Ubuye waveza ukuthi emasontweni amabili uzokhipha umculo omusha.
Selokhu agcina ngo-2017 ngengoma ethi Makoti.
“Bengisematasa ngididiyela umculo wabanye abantu. Ngingumdidiyeli ngaphambi kokuthi ngibe wumculi. Angikwazi futhi nokukhipha umculo ongekho ezingeni ngoba abantu bangibhekile. Izingoma nginazo ziningi ngisazokhetha eyodwa,” kusho uMondli.