INTSHA yaseThekwini namaphethelo izoncela ulwazi kosaziwayo emcimbini ozoyisiza ikhule emikhakheni efuna ukungena kuyo owaziwa ngeYouth Arts Boot Camp.
Umcimbi okungowesibili kulo nyaka uzodonsa izinsuku ezintathu kusukela ngoLwesine kuze kube uMgqibelo, eMoses Mabhida.
Omunye wabahleli bawo, uDJ Happy Gal Ndlovu, uthe bamema yonke intsha efuna ukungena emkhakheni wobumnandi ifike ngobuningi bayo.
“Umcimbi wangonyaka odlule waba yimpumelelo njengoba kukhona intsha eyasizakala. Omunye umfana wabonwa uZakes Bantwini wathi uzomsiza ekuqopheni i-albhamu yakhe,” kusho uHappy Gal.
Uthe intsha ezoza izosizwa ngezinto ezehlukene ezithinta ukuba oDJ, ukuqoshwa kwama-demo, nokuthi yini engayisiza ekubeni abaculi abasezingeni.
“Ngisho intsha efuna ukungena ekusakazeni izoncela ulwazi njengoba uDJ LeSoul noMario beGagasi FM noZanda Mthembu woKhozi FM bezobe bekhona. Bazotshela intsha ukuthi yini edingeka engomeni ukuze ikulungele ukudlalwa emsakazweni,” kuchaza yena.
Uthe nabafuna ukuba osomahlaya bazosizakala ngoba uSimphiwe Shembe uzobachushisa ngezinto ezithinta lo mkhakha.
“UNomalanga Shozi, Sandile “GQ” Ntshingila bazobe bengabaqondisi bomcimbi. Kuzobe kukhona noZakes Bantwini noThokozani MaMkhize Ndlovu,” kuchaza yena.