INKUNZI emidwayidwa emculweni wokholo, uBabo Ngcobo, iwuvale ngegiya eliphezulu unyaka ka-2018 ngemiklomelo emibili ebalulekile.
Uqale ngokuhlabana ngendondo yeBest Gospel Artist kumaSABC Crown Gospel Awards ngenyanga edlule. Ukuphindile lokho nakumaSouth African Volunteers Awards (Sava) abesehholo lomphakathi laseShowe ngeSonto.
Nakhona uqumbe phansi ezinye izihlabani zalo mculo kumunxa ofanayo. Olale isibili nguzakwabo uNatie Mthembu. Emkhakheni weBest Male Gospel Artist, kuphumelele uHlonti noSihle Mncwabe kwathi uVelenkosini Ntuli noBongani Gazu balala isibili.
NakwiBest Maskandi Artist kuhambe phambili uMbuzeni Mkhize equmba uzakwabo uBahubhe, acula naye kuMabhenanyawo.
Eqoqweni leBest Male Maskandi kukhonye uMkhoshokhosho kwathi uNavigator waphuma isibili. KoweMaskandi Best Newcomer kuwine uMntuyenziwa olandelwe ezithendeni oKhethabahle, Sgabiso noKhuzimpi, kanti kuBest Mbhaqanga uMashwabana ubhuquziswe phansi ngoSwenka.
Umsunguli nosihlalo wamaSava, uBhekisisa Ngcobo, utuse kakhulu ukunyuka kwezinga lokusebenza ngokuzikhandla kodwa umuntu engabheke nzuzo emphakathini wakuleli. Unxuse uhulumeni nosomabhizinisi ukuba babambe iqhaza ekufukuleni lo mqhudelwano wezindondo.
Kweminye iminxa kuhambe kanje:
Best Rank: Durban Station, Best Taxi Driver: Thobelani Nkosi, Best Bus Driver: Anthony Maphumulo, Best Bus Conductor: Nkomfa Ngcobo, Best Rank Manager: NV Dlamini, Best Taxi Owner: Nuntu Bhelelikhulu Ntuli, Best Community Builder: Mama Mgojo, Maphi Vilakazi noMama Dlamini. Best Omama Bomhlanga: Mama Ntuli, UNdlunkulu uMaNzuza, UNdlunkulu uMaNene noNdlunkulu uMaSithole. Best Inkosi: INkosi yakwaShezi eNkandla kwathi isibili kwaba iNkosi uCebekhulu oBizo. Best Induna: Kuwine iNduna uMbambo kwathi isibili kwaba iNduna uXulu. Best Artist Manager: Kube uDubula Mbatha, uSphamandla N walala isibili.