UYACHICHIMA yinjabulo umrepha uGigi Lamayne ngokusayina inkontileka yokuqopha ne-Ambitiouz Entertainment ngemuva kokushiya eMabala Noise Entertainment.
Isolezwe labika ngokushiya kwalo mrepha eMabala Noise ngoDisemba wonyaka odlule. Wayesayine kuyo nenqwaba yabanye abaculi ngo-2016.
Ephawula ngokuhamba kwakhe wathi wayengasajabulile futhi kungasasebenzeki. Wathi ngeke akwazi ukwanda kakhulu. Uthe ngendlela ajabule ngayo uhluleka ngisho wukuzibamba.
“Inkontileka yami yinhle kakhulu. Iyona enhle okuwedlula wonke kwesengake ngaba nawo,” kusho uGigi.
Uthe wayevele efuna ukusebenza ne-Ambitiouz kodwa isikhathi singakavumi.
“Kwakukhona omunye umrepha wesifazane futhi kwakungeke kulunge,” kusho yena.
Umrepha akhuluma ngaye nguFifi Cooper oshiye le nkampani nyakenye kungasekuhle, wazimela ngokusungula inkampani yakhe.
Uveze ukuthi ngemuva kokuhlukana neMabala Noise, uqale izingxoxo ne-Ambitiouz.
“Ngihambise izicelo zami ukuthi ngibe nenkontileka ehambisana nezidingo zami. Kube wumdanti, inkontileka ihamba iphinde ibuya kubameli kwagcina kulungile. Ngijabule kakhulu. Ngifuna ukusebenza, okunye kuzobe sekuzilandelela,” esho kuzwakala ukuthi weneme.
NgoLwesine olwedlule ukhiphe ingoma yakhe yokuqala e-Ambitiouz ethi Iphupho.
“Ngasekupheleni konyaka ngizokhipha i-albhamu ephelele. Kuzoba wunyaka omuhle lona. Ngisenkampanini okumele ngibe kuyo.”
Uthe ukubheke ngabomvu ukusebenza nomculi wakule nkampani uLa Sauce nabanye, okubalwa kubo uSjava.
Lo mrepha waqala ukuzakhela ugazi ngengoma yakhe ethi Ice Cream. Ekupheleni kuka-2016 ukhiphe i-albhamu yakhe yokuqala neMabala Noise ethi, Genesis ayefisa ukuthola
igolide ngayo okuyinto egcine ingenzekanga. Ngonyaka odlule ukhiphe izingoma ezihamba ngazodwa, okukhona kuzo ethi My Ugly Boy, Lobola nethi 1-Bar.