UPRINCE Kaybee uthe bekuyiphupho lakhe leminyaka ukuba yingxenye yomsakazo uKhozi FM.
Ukusho lokhu emuva kokumemezela izindaba zokuthi usezozwakala njalo ngoLwesihlanu ohlelweni lukaDudu Khoza, iJabul’ Ujule, oludlala izingoma ezihlukene.
UKhozi lumemezele lezi zindaba ngoLwesibili kulona lolu hlelo.
Luphinde lwaziqinisekisa ekhasini lalo enkundleni yokuxhumana i-Instagram lapho luveze ukuthi abantu bakuleli bangaphuthelwa ukulalela izingoma ezizobe zidlalwa ilo DJ.
UPrince Kaybee ebhala ngalezi zindaba, uthe ukwemukela ngokuzithoba ukuba ingxenye yoKhozi FM.
“Njengoba nizwile nje, lo msakazo umemezela lezi zindaba, sibe nesivumelwano sonyaka nawo, sokuthi ngidlale ohlelweni lukaDudu Khoza.
Leli ngelinye ikhasi elisha empilweni yami futhi elikhulu okwakukudala ngilifuna futhi bese ngililinde isikhathi eside,” kusho uPrince Kaybee.
Uthe abalaleli boKhozi bazokujabulela ukuzwa izingoma azobe ezidlala njalo emsakazweni.
Kuvela lezi zindaba nje uPrince Kaybee ubesanda kujabulela izindaba zokuthi i-albhamu yakhe ethi, Re Mmino ifinyelele esigabeni segolide.
Akugcini lapho uphinde waveza ukuthi ingoma yakhe ethi, Fetch Your Life, isilalelwe abantu abayisigidi kuYouTube yize i-video yale ngoma ebengakayikhiphi.
UPrince Kaybee izinto zimhambela kahle njengoba ngo-2017 ekhiphe ingoma ethi, Club Controller eyenza kahle kakhulu.
Ngonyaka odlule ingoma yakhe ethi Banomoya ayicula noTNS noBusiswa ibe ingoma ehamba phambili yaze yahlukanisa unyaka eziteshini zomsakazo ezihlukene kuleli.