UBOPHELE nabasakazi boKhozi FM umdlalo omusha othi Ehostela, Isolezwe elike labika ngawo ukuthi uzobonakala ngenyanga ezayo yize imininingwane yawo yayingakapheleli.
Muva nje isiteshi uMzansi Magic siveze ukuthi lo mdlalo uzoqala ngoJanuwari 6, ngo-8 ebusuku, uzovala isikhala somdlalo ozophela maduzane iThe Imposter.
Isolezwe lithole ukuthi uSthandwa Nzuza noZimiphi “Zimdollar” Biyela bakubalingisi balo mdlalo.
Akubona kuphela njengoba nentokazi esizakhele igama emdlalweni iLockdown, uZola Nombona, izoba yingxenye yawo.
Lo mdlalo ozogqamisa impilo yezinkabi nomculo kamaskandi ushuthelwe KwaMashu naseNanda.
Isolezwe like lazibonela ushuthwa ehostela KwaMashu ekuqaleni kwesonto eledlule.
Kuwo kuzogqama umfana osemncane oyinkabi onguMndeni (Thobani Nzuza).
UMndeni ongenabazali wathathwa wumgulukudu wesigebengu uMancinza (Bheki Sibiya) ukuze amkhulise ekhaya labadala.
Lo mfana usenephupho lokuyeka ubugebengu angene ekuculeni umculo kamaskandi kodwa ngesikhathi sebehlela ukuyobulala emcimbini kamaskandi, okhona endaweni, uMndeni uhlangana nentombazane enguKhethiwe (Lungelo Mpangase) ayithandayo kuphazamiseke konke abezokwenza.
UReneilwe Sema, wakwaM-Net, uthe lo mdlalo uzogqamisa ukuthi yini abantu abangayenza ngenxa yothando.
“Ukwethembeka emndenini yikhona okuzoba yinkinga kubalingisi abaningi kulo mdlalo ozobonisa impilo yasehostela elaziwa ngokuthi iDelakufa. Umdlalo uneziqephu ezingu-13 futhi ushuthelwe KwaZulu-Natal yinkampani iStained Glass,” kuchaza yena.
Uthe uZola uzobe elingisa indawo yephoyisa uBrightness Sithole ozosebenza kanzima ukuze axazulule izinkinga ezisehostela. Abanye abalingisi nguWiseman Mncube ozolingisa indawo kaJama, Detective Nkomo (Martin Ziqubu), Ernest Msibi, Pastor Mjosty nabanye.