IMPILO yowayeyisihlabani nomculi uLinda “Pro” Mkhize izonekelwa umhlaba wonke efilimini ehlongozwayo.
UPro ushone ngo-Agasti wonyaka odlule ngemuva kokugula isikhashana.
Umfowabo uDJ Citi Lyts uthe zikhona izinhlelo zokuqopha ifilimu.
“Okwamanje kusewumbono. Kusaxoxwa nomndeni nenkampani ezoyikhiqiza engeke idalulwe okwamanje,” kusho uCiti Lyts.
Uqhube wathi akukho okuningi abangakudalula ngefilimu ngoba isaphekwa.
“Alikho ibanga elitheni eselihanjiwe ngayo ngoba kusenezingxoxo.”
Ubuye waveza ukuthi umndeni sewukwamukele ukushiwa yilungu lawo yize kunzima.
U-PRO, phambilini owayaziwa ngoPro Kid, uke waqopha eGallo Records naseTS Records. Ingoma yokugcina ethi Love iphume eMoney First Entertainment. Uzakhele udumo ngezingoma okubalwa kuzo iSoweto, Uthini NgoPro, Ungaphel’umoya San, nezinye.