AYA ngokuqonga amahlebezi okuthi bangase babuyiswe abalingisi abamiswa kuZalo oludlala ku-SABC1, abebedlala bengamaphoyisa esikhaleni sabo kwafakwa amaphoyisa angempela.
Isinyathelo sokubuyisa abebedlala indawo yokuba ngamaphoyisa, kuthiwa sithathwe ngenxa yokungahlabi umxhwele kwamaphoyisa akwaSouth African Police Service (SAPS) obekuvalwe ngawo isikhala sabalingisi.
Ngokwemithombo, bese kubami emphinjeni abadidiyeli ukuqala phansi njalo uma kuqoshwa ngenxa yokuthi kuvele kudume upotiyane emaphoyiseni eSAPS, uma sekulingiswa.
“Siningi isikhathi ebesichitheka kulokhu kuthiwa “cut” (okuyindlela yokumisa umthwebuli wekhamera ukuqopha), ngoba iphoyisa lingenzi lokhu okufiswa ngumdidiyeli,” kusho umthombo.
Umthombo ongaphakathi uthe ukuchitheka kwesikhathi yinto abadidiyeli abangahambisani nayo, ngoba usuku nosuku basuke bezikalele ukuthi ungakanani umsebenzi okufanele wenziwe. Uqhube wathi ukuma izikhathi eziningi bekubonakala ukuthi kubuyisela emuva.
“Yingakho sekubonwe kungcono ukuthi akubuyiswe abalingisi, ngoba bayawazi umsebenzi wabo futhi abenzi maphutha,” kusho umthombo.
Isolezwe ngeSonto labika ngonyaka odlule ukuthi kuze kufike kulesi sigaba nje kwaphuma umbiko owawuvela ekomkhulu leSAPS omayelana nokuvalwa kokugqokwa nokusetshenziswa kwezinto ezithinta amaphoyisa akuleli emidlalweni nasemafilimini.
Lokhu kwenza ukuthi aboZalo bagcine sebesebenzisa amaphoyisa angempela.
Yize kunjalo, eminye imidlalo ayizange ithinteke nakancane ngenxa yokuthi yona ayisebenzisi umfanekiso woqobo. Ngokwemithombo, uZalo nalo seluhlele ukwenza njengeminye imidlalo, lusebenzise umfaniswano ozokwehluka kancane kowamaphoyisa, ukuze kuqhutshekwe nokusebenzisa abalingisi abaqeqeshiwe. Ukuvalwa kwezinto zeSAPS kwaba ngenxa yokuthi abanye babalingisi bagcina bengalandeli kahle imithetho yokuziphatha neyokugqoka ngendlela efanele.
Okhulumela uZalo, uKoketso Phala, uphawule wathi akukho angakuphawula okwamanje kodwa uma kuba khona okwenzekayo bazokhipha isitatimende ukwazisa abezindaba.