IKHUZA ibuya emculweni iMabala Noise Entertainment, eyazakhela olukhulu udumo ngokuba nabaculi abaningi abanegama nokuhlela imicimbi eseqophelweni eliphezulu kuleli.
Lesi sitebele somculo ebesizinze eGoli sikalowo obengumgcinimafa wophiko lwentsha lwe-ANC, uReggie Nkabinde, sivule iminyango yaso kabusha kusukela ngenyanga dlule.
Okhulumela iMabala Noise, uKeke Mokoena, uthe lesi sitebele sibuye ngezinkani futhi sizokwenza umehluko kwezobuciko.
“UReggie ubuyile futhi uzogxila kwezobuciko manje. Uzimisele ukuqhubeka nokwenza umehluko kwezokungcebeleka njengoba ayeqalile ekuqaleni ngokuthi avumbulule amakhono abaculi abangaziwa, awathuthukise ukuze ahlonishwe embonini yezokungcebeleka emhlabeni jikelele,” kusho uKeke.
Yize uKeke eveze eyokuthi lesi sitebele sibuya ngabaculi abasha kodwa ucele ukungabadaluli labo baculi okwamanje.
“Bakhona esesibasayinile nesisaxoxa nabo. Ngenxa yokuthi kuseva sicela ukungabavezi amagama abo okwamanje kodwa izwe lizokwazi kungekudala,” kusho uKeke.
IMabala Noise Entertainment iguqe nyakenye ngesikhathi kuvela ukuthi uReggie useyogxila kwezepolitiki.
Lesi sitebele sizakhele igama eminyakeni edlule siveza uhla lwamaciko ebesizosebenza ngawo. Phakathi kwawo bekukhona abaculi nabalingisi abadumile. Abaculi abebephethwe iMabala Noise bekuGigi LaMayne, Zakwe, Nasty C, Zola, PRO, Major League DJz, DJ Finzo nabanye. Kubalingisi kwakukhona uLetoya Makhene, Khanyi Mbau noKay Sibiya nabanye.
IMabala Noise ibiyaziwa ngokuphatha kahle abaculi bayo beyitamuza imali abanye begijima ngezimoto eziphambili.