UMNYANGO wamaPaki, ezokuNgcebeleka namaSiko kuMasipala weTheku uhloniphe abesifazane emkhakheni wezobuciko epaki iJameson, eMorningside izolo.
Inhloko yomnyango, uMnuz Thembinkosi Ngcobo, ithe bagubha ukuqala kwenyanga yamagugu futhi bahlonipha imbokodo.
UNgcobo uthe kuyakhathaza ukwanda kwezigameko zokuhlukunyezwa kwabesifazane anxuse ukuba bahlonishwe ngokulinganayo namadoda ngoba baneqhaza elihlukile kodwa elingekho ngaphansi kwelabantu besilisa.
“Omama yibona abahlala nezingane ezincane bazifundise indlela yokuphila nabantu, bazifundise nangamasiko futhi bathekele nangolwazi. Lapha sithumela umyalezo wokuthi abantu besifazane bayigugu lesizwe, asikho isizwe esinganda futhi sibe nemfundiso ngaphandle komama,” kusho uNgcobo.
UNgcobo uthe bafuna nokuthatha umkhakha wamaciko bawubeke ezingeni eliphezulu, ungabukwa njengento yokungcebeleka kuphela. Uthe lo mkhakha ubalulekile ngoba uqashe ingxenye yesigidi sabantu abaneminyaka engaphansi kuka-35 kuleli.
“Intsha eningi eNingizimu Afrika ayisebenzi ngakho umkhakha wamaciko kumele ubhekelwe ngoba ufaka isandla ekukhuliseni umnotho wezwe ngo-2.8%. Lokhu kungaphezulu ngisho komkhakha wezolimo. Okwethu siwuhulumeni wukuthi siseke amaciko njengoba kwenzeka kwamanye amazwe,” kusho uNgcobo.
UMasipala weTheku usuzosebenzisa amapaki awo usondezela abantu abawahambele umsebenzi wamaciko, kudayiswe nemisebenzi yawo. Lo mnyango wengamele ingqalasizinda ebiza ngaphezu kukaR50 billion, esetshenziswa abantu abangaphezu kuka-3.5 million eThekwini.
Izolo kukhonjiswe nangemidwebo yowesifazane, uNksz Naledi Zondi (24) wasePinetown, eThekwini. UNksz Zondi ungumdwebi owazifundisa yena ukudweba.
UNksz Zondi uthe ngesikhathi sikathaqa, bengamaciko bebehlezi emakhaya bengasebenzi, bengatholi mali, wabona kodwa kwanda izigameko zokuhlukunyezwa kwabesifazane.
“Ngidwebe izithombe zabantu besifazane abasimele eThekwini. Bengifuna abantu bajabule ngesikhathi esinzima, ngase ngiziletha kulo mnyango,” kusho uNksz Zondi.
ITheku lizovula izindawo ezibonisa ngemisebenzi yamaciko lilandela umthetho kathaqa. Namaciko asafufusa anxuswe ukuba asondele azohlwaya ulwazi emkhandlwini ukuthi angazithuthukisa kanjani.