UYANGA Sobetwa waseKapa ukhale wemuka nesicoco sama-Idols Season 14 ehlula uThato waseNorthern Cape, okuchaza ukuthi leli dolobha lisivikelile isicoco esalithatha ngeSeason 13 kuwina uPaxton
IKAPA iphinde yenza edume ngakho emncintiswaneni wamaSA Idols Season 14 njengoba uYanga wakhona edle umhlanganiso. Uhluleke nawukukhuluma wavele wacula sekumele azibongele.

KwiSeason 13 kwawina uPaxton wakulona leli dolobha. Umncintiswano wakamuva bewuse BigTop Arena, eCarnival City eseKurhuleni, eGauteng izolo.

Zisuka nje kungene amajaji avula uhlelo kwalandela abaphume kwiTop 10 yomncintiswano bacula bonke, okuyinto ethokozelwe ngabaningi abebethamele umcimbi nababukeli emakhaya abebebabaza ikhono leTop 10 ezinkundleni zokuxhumana.

Abantu abawuvalanga umlomo kungena intandokazi kaDJ, uBlackcoffee ochaze abaningi ngenoni elithi, iWish You Were Here. Kunandise uKwesta noKid X, DJ Tira, Mlindo The Vocalist, AKA no-OkMalumkoolkat.

UThato uhlanyise izihlwele ephinda ecula iMamelani kaNaak Music ayicula ngeShow Stopper emasontweni ambalwa adlule. Uchaze amantombazane esedabula isikibha esimhlophe abesigqokile, eveza i-six pack.

UYanga naye akazibekanga phansi ephinda ecula elithi Not Yet Uhuru kaLetta Mbuli. Naye uhlanyisa ngayo abantu ngeSonto leShow Stopper.

Iningi labantu liphakamise izibhakela ngesikhathi uYanga esethi ‘amandla’ ekugcineni.

Owawina kulo mncintiswano ngonyaka odlule, uPaxton ukhumbuze abantu ukuthi wayewine kanjani njengoba ebengomunye wabaculi.