UWUPHENDULE ezinkundleni zokuxhumana umbiko wokuthi umisiwe emsebenzini ngoba ehlulwa wukugcina isikhathi umsakazi weGagasi FM, uFelix Hlophe.
Izolo Isolezwe libike ngokumiswa kwalo msakazi wohlelo lwasekuseni phakathi nesonto kwiGagasi FM, iThe Uprising noNjabs Zwane ngo-6 kuya ku-9 ekuseni.
Imibuzo ayithunyelwe yintatheli ngeSonto akayiphendulanga wathi uzobuyela entathelini, kwaze kwashaya isikhathi sokushucilelwa engabuyelanga njengokuthembisa kwakhe. Izolo ushayele intatheli yeSolezwe ucingo efuna ukwazi umthombo wephephandaba kodwa wala waphetha ukubeka uvo lwakhe ngodaba.
Ubhale kanje ekhasini lakhe kwiFacebook: “Sawubona Isolezwe, uma nibhala izindaba ngabantu ngiyacela niqinisekise ukuthi nithola kahle wonke amaqiniso ngoba ngisho izinto ezincane zingaba nomthelela ongemuhle emsebenzini wabo. Ngeke ngigxile kulokhu kodwa angikaze ngifike sekudlule isikhathi emsebenzini, ningabheka ngisho kwiFacebook uma ngiba bukhoma khona ekuseni.”
Yize kukhona abazwelana naye ngalokhu kodwa abanye bakuphendule ihlaya ezinkundleni zokuxhumana.
Lo msakazi, ophinde abe ngusomahlaya, uyisilomo ezinkundleni zokuxhumana njengoba ejwayele ukufaka ama-video amancoko, kwesinye isikhathi ethi abantu abadoje emsebenzini.
In the famous words of @felix_hlophe. Hamba‼️🙌![CDATA[]]>🏼 pic.twitter.com/q8BjXco2iE
— God's favorite child ❤ (@Nqosh333) April 14, 2022
Abantu abaphawule embhalweni kaFelix kwiFacebook abanye bazwakalise imibono eyehlukene ngokumiswa kwakhe nokuphika kwakhe okushiwo wumthombo weSolezwe mayelana nesizathu sokumiswa kwakhe.
UBuhle Zuma uthe: “Hawu Felix Hlophe siyabonga mphathi wethu ngokuba yisibonelo. Uyayimela indaba yakho, awubhayizisi thina kuphela.”
UNjabulo Shezi uthe uFelix ubebatshela into ayenzayo naye.
USne Khumalo uthe: “Yena lo Felix Hlophe obethi asishayise singakashayi isikhathi uma kungoLwesihlanu.”
Ngokusho komthombo weSolezwe ongashayi eceleni, uFelix ubekhala ngokuthi kungani esuswa edeskini uma efika sekudlule isikhathi emsebenzini.
Umthombo uqhube wathi lokhu abaphathi bakwenze ngoba uhlelo kumele luqhubeke noma engekho.
Ngokusho komthombo, ukuqondiswa ubugwegwe njengendlela yokumkhombisa ukuthi akagcine isikhathi kumenze wacasuka kakhulu. Abanye bakuhlabile ukungabuyeli kwakhe entathelini njengoba ebethembisile. Kuvela lezi zindaba nje, abalaleli beGagasi bebelokhu bebuza ukuthi uphi uFelix njengoba engazwakali emoyeni. IGagasi likuqinisekisile ukumiswa kwakhe.