SIZOSAKAZELA e-USA kuze kube wu-Agasti ngenhloso yokukhangisa ngendawo esisebenzela kuyo isiteshi somphakathi saKwaNongoma, iNongoma FM.
Lokhu kuvezwe wumphathi wesiteshi uSiboniso Zulu othe bazohamba ngoLwesibili balibangise eMontana lapho abazohlala khona kuze kube wu-Agasti 23.
Uthe uhlelo lwezindaba olwethulwa nguNkokhelo Msomi bazobe belwethula bekhona kule ndawo.
Uhambo luqhamuke ngenxa yobudlelwano abanabo nesiteshi sakhona iButte America Radio.
“Ubudlelwano bethu obokuhlanganisa amadolobha uNongoma namanye ase-USA ukuze sicobelelane ngolwazi kwezobuciko namasiko. Ngaleyo ndlela sizokwazi ukuthola osomabhizinisi abazothuthukisa uNongoma,” kusho uZulu.
Uqhube wathi bazohambela imicimbi eyahlukene ngenhloso yokufunda ngabantu bakhona nangendlela abaphila ngayo.
Uthe uhambo lwabo luzobe luqoshwa kwazise benza iqophamlando elenziwa nguJoseph Litzieger. Uthe sebeke bafika kuleli ukuzoqopha uNongoma, bakhuluma nemeya, indlunkulu kaZulu naye ukuze bathole ngomlando wedolobha labo.
“Abantu baphesheya yibona abakhokhela uhambo lwethu.”
Uthe uma bebuya bazobe sebelungiselela ukubasingatha ngoDisemba.
Isiteshi sizobe sihlanganisa iminyaka emibili sasungulwa ngenyanga ezayo. Uthe abafuna ukulandela ngohambo lwabo bengangena ekhasini elithi Zulu Summer kuFacebook.