INJABULO ibibhalwe ebusweni kumrepha uKwesta ngesikhathi eshadelwa isinqandamathe sakhe seminyaka uYolanda Mvelase ehhotela eliphambili iThaba Eco, eGoli, ngoLwesihlanu.
Le ndumezulu yomshado ibihanjelwe abangani, izihlobo nomrepha okubalwa uSlikour, Shugasmakx, JR, Reason nomawezingane zakhe uLootLove, umlingisi nomculi uLerato Mvelase, Mpumi nabanye.
UKwesta ubemiswe abangani bakhe uLeroy Khoza, Kid X, Sizwe, Mnotho noYanga.
Kanti uYolanda yena ubemiswe izipawupete uThabsie, Zandile, Sindi Kheswa, Bayanda Mvelase noYonela Makubalo beholwa phambili udadewabo kamakoti uNkk Ayanda Sibiya.
UYolanda uyindodakazi kaVusi Mvelase ongusomabhizinisi waseThekwini odume ngokudayisa izimoto.
Lo mshado uphenduke idili lo mculo ngesikhathi kunandisa uRingo Madlingozi, Sjava, Musa Sukwene, Vusi Nova, Dr Malinga nabanye.
URingo nezingoma zakhe zothando ushiye abaningi befuna impinda.
Congratulations to Kwesta 🚨👑❤✈ #kwesta #SenzoWedsYolanda pic.twitter.com/7cdFfHewha
— #AskMyMom (@MrWeNice) March 22, 2019
Kukhona i-video esabalele ezinkundleni zokuxhumana echaze abaningi lapho uRingo ecula khona iculo lakhe elithi Into Yakho, ubonakala eculisa uKwesta noYolanda.
Abebehambele lo mcimbi abawuvali umlomo njengoba bethi uKwesta uhluleke nawukuzibamba wachiphiza izinyembezi ngesikhathi esebona uYolanda engena eshaya kancane ngengubo yakhe kanokusho lapho abekade beshadela khona.
Umshado wesintu ubukubo kaKwesta eKatlehong, eGoli, izolo lapho uYolanda ebeyokwabela abasemzini.
UKwesta sekuphele iminyaka eyisishiyagalombili ethandana noYolanda kanti banendodakazi eyodwa uKhai.
Ngo-2017 Ephreli uKwesta wahambisa umembeso kwaMvelase, eWestville, eThekwini.