UMCULI we-hip hop odumile akawuvali umlomo ngesithandwa sakhe esisha nasichaza ngokuthi usofa silahlane wakhe.
UZakwe owaqala ukugqama ngengoma ethi Bathi Ngiyachoma uyachichima injabulo njengoba elungiselela ukuhambisa umembeso kubo kwesinqandamathe sakhe seminyaka emihlanu, uMbali Mthembu waseNkanini eShowe.
Ethintwa Isolezwe ngeSonto ngokuthi uyalobola, uZakwe uvumele phezulu.
“Engingakusho ukuthi isango sengilivalile, akusangeneki. Sengiqedile ukulobola. NgoDisemba nje ngilibangise eNkanini ukuyohambisa izibizo. Siqale ukuthandana ngo-2013, sinengane eneminyaka emithathu,” kusho uZakwe.
Uthe ubone kungcono ukuthi amfake emagcekeni akubo uMbali ayovusa umuzi kayise, bangaze baphinde bathole enye ingane ngaphandle komshado.
“Bekuyisifiso sami ukuthi uma ngishada ngithole umuntu wasemakhaya okhuliswe ngenhlonipho. Ngajabula uma le ntokazi ingitshela ukuthi ikhulele eShowe yize ngayithola eThekwini,” kusho uZakwe.
Uveze ukuthi bahlanganiswa umsebenzi noMbali onamabhizinisi okucwala izinwele nokuphaqula abantu.
“Sahlangana eze ngomsebenzi wakhe kweminye yemicimbi engangiyosebenza kuwo, ngathatheka. Siqale lapho ukuthandana. Ngithanda kakhulu inhlonipho yena, ungumuntu onothando nokwaziyo ukungibekezelela,” kusho uZakwe.
Ubonge umngani wakhe uKwesta osanda kushadelwa ngokubavulela indlela.
Uthe bebeke baxoxe ngokuthi akumele ukuthi iminyaka yabo ize igamanxe ko-30 bengashadile ngakho-ke sekuya ngamagama enkehli. Uthe bazoshada ngonyaka ozayo.
Imizamo yokuthola ukuphawula kukaMbali ayizange iphumelele.
UZakwe umchaze njengomuntu onamahloni kakhulu ngakho osabayo ukuphawula kwabezindaba.
Umthombo uthe uZakwe uthathekile ngempela ile ntokazi ngoba abahlukani.
Emcimbini wamaSouth African Music Awards alo nyaka uZakwe noMbali babonakala behamba ndawonye begqoke befanisele.
Ezinsukwini ezimbalwa ezizayo uZakwe uthe uzokhipha umucu wakhe othi Set Backs ukubungaza inyanga yabantu besifazane.
Uthe leli culo likhuthaza abantu besifazane ukuthi bazibambe ziqine othandweni bangavumeli okuzobahlukumeze emoyeni.
Uthe uMbali nguye omkhuthazile ukuthi abhale leli culo ngokubona indlela ambekezelele ngayo emculweni wakhe, ebuya ezintatha.
“Uyazi uma ungumculi uhamba namantombazane, niphuze utshwala ubuye ekhaya ngo-3 ekuseni. Uvuke ekuseni ufune ukudla.
“Abanye abantu ngeke bakubekezelele lokhu kodwa ngibonga ukuthi yena ungibekezelile,” kusho uZakwe.