NGOLWESIBILI ekuseni ngithe ngilungiselela ukuyodla isidlo sasekuseni, kwangena umyalezo wokuthi uMzokhona “Mzokoloko” Gumede akekho ohlelweni lwakhe lwasekuseni kwiGagasi FM.
Nebala ngivule umsakazo ngifuna ukuzizwela. Nangempela ubengekho kubambe uHeazy noZisto.
Kuvele kwangikhanyela ukuthi kufakazela amahemuhemu abekhona okuthi useyojoyina Ukhozi FM njengoba eqalile izolo lapho ethula khona uhlelo lwantambama noMroza Buthelezi. Empeleni cishe mibili manje iminyaka kunamahemuhemu okuthi uMzokoloko uyojoyina Ukhozi kodwa kuphinde
kuthuleke.
Ukhozi alugcinanga ngokuthatha uMzokoloko kodwa luphinde lwashaqa noKing Sfiso obenza izinhlelo zomculo i-house.
Ngike ngabona ku-Instagram ekhasini loKhozi kubhalwe ukuthi “siqedile ngomunye umsakazo engingeke ngiwusho”.
Akuphelanga sikhathi esingakanani kwaphendulwa kweleGagasi nombhalo othi “#WeGotTalent” engingawuchaza ngokuthi uthi banalo ithalente. Bekunesithombe esinombhalo othi “Kuqediwe ngathi? Sibatshele noma”.
Cha uma ngiyibuka le ndaba sikhulu isikhala esivulekile ngokuhamba kukaMzokoloko. Phela ubenza uhlelo olubalulekile kakhulu ovukela kulo ekuseni. Yilo okumele lukudonse ukuze uzosale usuqhubeka nokulalela umsakazo usuku lonke.
Abaphathi beGagasi bathi sekuzoqhubeka uNjabs Zwane noHeazy kuze kube kufika isikhathi sezinguquko. Bobabili laba bebevele basebenza noMzokoloko.
Ngokwami bengizofaka u-Alex Mthiyane ukuthi kube wuye obambayo kuze kube kutholakala umuntu ozothatha izintambo uma lo msakazo sewenza izinguquko.
Uma ukhumbula ngesikhathi u-Alex ekhishwa kungena uMzokoloko, kukhona vele ababa nokukhala ngoba babemthanda. Ngakho ukubanjiswa kwakhe kuzokwenza singanakeki kangako isikhala sikaMzokoloko ngoba kufakwa umuntu onamava.
U-Alex engabanjiswa nabo oHeazy noNjabs ngenhloso yokuthi bancele ulwazi kuye ze kuthi uma sekufika isikhathi sezinguquko babe sebenolwazi oluthe xaxa. Kodwa ngiyayazi futhi ingozi engaba khona uma ubambisa u-Alex, uzokhumbula ukuthi u-Alex uphume kulolu hlelo esalwenza kahle kakhulu, kwaba wukuthi umsakazo wawuthatha enye indlela nje, hhayi ngoba kukhona okubi okwakwenziwa wu-Alex. Ngiyazi ukufaka yena isikhashana kungenza abalaleli bajabule kuze kweqe kanti uzophuma ngemuva kwenyanga kugcine kubahlukumeza futhi lokho. Iqiniso wukuthi u-Alex usemnkantshubomvu kwezokusakaza.
Ebusuku ohlelweni Indaba ukhona uBongani Gina oke abambe vele uma u-Alex engekho. Angaqhubeka abambe u-Alex esesekuseni ngaphandle kwenkinga ngoba yinto aseyijwayele vele.
Ngingaze ngikhohlwe, mangithi halala kuNomfundo The Dazzling One osehlabe ikhefu lokuyoteta.
UZisto uke alubambe uhlelo lwakhe uma engekho ngakho ngeke ibe khona inkinga ngo-9 kuya ku-12 emini phakathi nesonto.