MHLELI: Ngingumlaleli womsakazo uKhozi FM ongeneme ngohlelo olushayelwa uSelby Mkhize noS’ya Mhlongo i-12 to 3 Cafe. Uhlelo alunazo izingosi ezihlabahlosile kodwa abasakazi bakhuluma ngezinto ezithinta bona isikhathi esiningi.
Kukancane lapho uhlelo lwabo olufaka khona umlaleli. Into engimangaza kakhulu wukuthi umdidiyeli omkhulu wohlelo ungumuntu osemnkantshubomvu kodwa ngendlela okwenzeka ngayo ungathi akukho lutho oluhlelwayo lubhalwe phansi bese luyalandelwa.
Kunengosi emnandi ebingena emuva kwezindaba zokugamanxa kwehora lokuqala lapho bekudlalwa khona izingoma ezipholile kwesinye isikhathi kube ngezicelwe umlaleli, asebefike bayishintsha.
Badlala imfishimfishi yento engaqondakali. Ngicela abaphathi nomdidiyeli wohlelo, uThozama Ngwenya, bake babuyekeze uhlelo babheke ukuthi luyabaheha yini abalaleli.
Robert Mdladla
ECingci