IZIGEMEGEME ezenzeka oKhozini zenza umuntu afikelwe imibuzo eminingi ngendlela lesi sikhondlakhondla somsakazo esiphethwe ngayo. Okwenzeka khona kukwenza ubambe ongezansi, ushaye amakhala ngamava abantu abasiphethe.
Ungaze uphike ukuthi yiwo lo msakazo owakhiqiza izingwazi okubalwa kuzo uCyril Bongani “Kansas City” Mchunu, Welcome “Bhodloza” Nzimande, Koos Radebe, Ephraim Ronnie Masilela, ukubala abambalwa. Ukumiswa nokuxoshwa kwabasakazi abanjengoNgizwe Mchunu noLinda Sibiya yinto yakamuva. Udaba lukaLinda nolukaNgizwe luyahlekisa indlela oluphathwe ngayo ngoba namanje akukaziwa ukuthi uNgizwe uxoshelweni. OlukaLinda selwaphela njengoba lahoxiswa necala ayebekwe lona yi-Edcon.
Muva nje kuke kwaxabana abaphathi kwaze kwaba khona abagadwa yizinkabi. Ukungezwani kwabaphathi kuholele ekutheni kube nabasakazi abathelwa ngamachaphezelo, kwaphoqeleka ukuba bacheme nezinhlangothi ezithize. Kuyavela ukuthi abanye babo sebephenduke izimvu zemihlatshelo ngoba bengahambisani nohlangothi oluthize lwabaphathi. Kusenjalo kwavumbuka udaba lukaMdonso Ngcobo osule wabuye wabuyiselwa. Namanje asikazi ukuthi uphenyo lwahamba kanjani njengoba ayekhala ngokusatshiswa. Sisalinde umphumela wophenyo kwavela olokumiswa kukaNgizwe, uSandile Mdlalose noBeekay Mchunu.
ULINDA Sibiya owatholwa emsulwa kwayesolwa ngakho oKhozini okwaphetha ngokuthi axoshwe kulesi siteshi.
UKhozi aluzimele kodwa lungaphansi kukaSABC, okuyisikhondlakhondla senkampani esinenqwaba yeziteshi. Kungani iziphathimandla zakwaSABC zilokhu zibamba ziyeka ngodaba loKhozi ngoba kuyacaca ukuthi kukhona okungahambi kahle ezikhulwini zalo? Kuzoze kube nini zibizelwa ukuxosha abasakazi ekubeni inkinga isekhanda? Yini iSABC ingavele iqashe umphathisiteshi ozophatha ngokugcwele kunalokhu kufudunyezwa kwesihlalo? Kuqale kwabanjiswa uZandile Tembe kwabuye kwashaywa ungqimphothwe njengoba sekubambe uSbongi Ngcobo. Izinqumo zakhe sezihlale zikhalisa kakhulu abalaleli abathembekile kulo msakazo. Ngiyasola ukuthi nakuSABC konakele kakhulu, kuphethe abangenawo amava.