EKUQALENI kwenyanga ziqalile izinguquko ezenziwe yiziteshi ezahlukene ikakhulukazi lezo ezingaphansi kweSABC.
Kujwayelekile ukuthi minyaka yonke iziteshi zenze izinguquko zazo njalo uma sekuyilesi sikhathi.
Ziyaye zibheke lapho zingagawula khona zithathe abasakazi ezicabanga ukuthi baseqophelweni eliphezulu ukuze zizoqinisa amathimba azo.
Kwenzekile nakulokhu Ukhozi FM luthatha abasakazi ababili abanamava kwiGagasi. Luhlabane ngoMzokhona “Mzokoloko” Gumede obeshayela uhlelo lwasekuseni phakathi nesonto kanjalo noSfiso “King Sfiso” Sibiya obenza izinhlelo zomculo wehouse.
Ngesikhathi Ukhozi lumemezela izinguquko, babhala ezinkundleni zokuxhumana ukuthi baqedile ngomunye umsakazo abangeke bawusho. IGagasi layibona ibhekiswe kubo le nkulumo ngoba laphendula lathi ithalente linalo.
Bese kubhekiwe ukuthi izinguquko zizoma kanjani. Nami ngingomunye wabese belindele ukuthi zizoma kanjani.
Ekuseni isikhala sikaMzo basivale ngoFelix Hlophe. Nginethemba lokuthi uzokwenza kahle ikakhulukazi ngoba unamava kwezokusakaza manje. Uzokhumbula ukuthi uke wangena ohlelweni lwasekuseni phambilini esakwiVuma FM. Ngakho le nselelo ayiyintsha kuye. Ufuna ukuvuka ujabule ngakho uzosikitaza aphinde asihlomise ngolwazi. NoKhaya Dladla naye ngiyamethemba ukuthi uzokwenza umsebenzi omuhle ngoba ungumuntu onganqeni ukukhuluma akucabangayo nokuyinto enhle ukuze kube nengxoxo emoyeni. Nokuqokwa kukaMondli Ngcobo ukuthi ayoshayela uhlelo olugxile kwi-Afro pop ngoMsombuluko yinto abanye abebengayilindele yize kubikiwe ngayo kwiSolezwe. Kungaba kuhle ukuthi uma uMondli eselwenza uhlelo abanike nabasavela ithuba futhi aphinde akhiphe amathiphu angabasiza ukuthi baphumelele njengoba enamava futhi engumdidiyeli ohlonishwayo.
Kungijabulisile ukubona futhi ukuthi umsakazo usakholelwa ekulandeni abantu eziteshini zomphakathi ubanikeze ithuba. Kulokhu ulande uSiphesihle “DJ Sphe Live” Shabalala obeshayela uhlelo lwantambama kwiVibe FM.
Emasontweni amabili edlule ngibhale ngayo le nsizwa kuyona le ngosi ngiyincoma.
Ngikuvezile ukuthi ukuze anakwe usebenzisa izinkundla zokuxhumana ukuzimaketha aphinde amakethe nohlelo lwakhe kanjalo nomsakazo.
Uke afake ukuthi unamava angakanani asewathole emsakazweni ngethemba lokuthi kukhona iziphathimandla zakweminye imisakazo ethathwa njengemikhulu eziyomuzwa bese zimnika ithuba. Nakho kwenzekile usekwiGagasi manje.
Ngokwami izinguquko zakulo msakazo azikhalisi.
Ungangibhalela [email protected] noma kuTwitter @fanelebengu.