UKUPIKWA kwesilomo somculo kamaskandi Igcokama Elisha engomeni yaMageza Amahle kuhlukanise phakathi abalandeli baleli qembu elasungulwa nguMtshengiseni ‘Indidane’ Gcwensa.
Kunabalandeli baMageza abavele bathi bona sebeyalilaxaza leli qembu futhi bajoyina Izindlamlenze (okungabalandeli bakaKhuzani) ngoba bengahambisani nokupikwa kweGcokama eselizobuye laziwe ngeleNdlabeyiphika. Ezinkundleni zokuxhumana kusuke umsindo kunabalandeli baMageza abaphumele obala ngokunganami ngesinqumo samaqhawe abo. Zihluleke zancama ezinye izinduna zaMageza ukubhula lo mlilo zagcina sezibaduba.
Kubuzwa okhulumela Amageza futhi oyinduna enkulu yabalandeli baleli qembu uVeloh Bhengu uvumile ukuthi kuhlukane imibono ngokucula kwaMageza neGcokama kodwa waphika ukuthi kukhona abagcine behlubukile.
“Abanye bakujabulele lokho abanye abambalwa bangakuzwa kahle.
Esikutholayo okwenza abambalwa bengayizwa kahle le ndaba wukuthi uMthandeni waziwa njengomculi obengcweka noKhuzani owake wasebenza neNdidane manje bazitshela ukuthi lokhu kusebenza kwaMageza noMthandeni kuyindlela yokucindezela uKhuzani, okuliphutha,” kuchaza uVeloh.
Kulezi zinsuku Igcokama lipikwa kakhulu ngabanye abaculi abakade beyizimbangi zalo okunguDlubheke neNdiya (okuyiMfezemnyama).
Echaza ngokusebenzisana neGcokama, uVeloh uthe Amageza azimisele ukusebenza nabaculi abaningi abangakaze bakhombise ukuba nenkinga nawo neNdidane.
“Amageza awaxabene namculi futhi awanasitha, kuphela azishayela ingoma ajabulisa ngayo isizwe futhi akholwa wukuthi ukubambisana nokusebenza ndawonye kwabaculi kungasiqeda lesi sithombe esibi esesidunyisiwe sokuthi omaskandi abezwani futhi ukuze bahlale besematheni kufanele bathukane.”
Uthe aqale ukusebenza noKhuzani noDSD kwi-albhamu yokuqala eseholwa nguPotso kwathi kweyesibili asebenza neMfezemnyama njengoba kulena esesebenze neGcokama Elisha.
“Nawo asepikwe ngabaculi abaningi, ukubala uStezie, DSD, Inyonemhlophe, Mashwabana, Mlethwa Majola neNUZ Queen.”
Leli qembu lilungiselela indumezulu yomcimbi waminyaka yonke iNdidane Maskandi Festival esePomeroy Stadium eMsinga ngo-Ephreli 1, lapho lizobe lishiyelana khona inkundla noKhuzani, Osaziwayo, Mjikijelwa, NUZ Queen nabanye.