ISIHLOKO: BlacKkKlansman ABALINGISI: Alec Baldwin,
John David Washington, Isiah
Whitlock Jr.
Robert John Burke, Brian
Tarantina,
Arthur J. Nascarella
noKen Garito
UMQONDISI: Spike Lee
UHLOBO: Drama/Crime film
ISIKHATHI: 2h 16m
UMHLAZIYI: Corey Chichizola
LE filimu isuselwe endabeni
eyiqiniso ngeqhawe lase-USA.
Kwakungu-1970 ngesikhathi
uRon Stallworth (John David
Washington) eba ngumseshi
wokuqala oyi-African-American
ukuphatha kwiColorado Springs
Police Department.
Kuyena ukungena emkhakheni
wobuseshi esebenza namaphoyisa
amhlophe kwakungenye yezinto
ayezama ngazo ukukhombisa
abamhlophe ukuthi nephoyisa
elimnyama lingakwazi ukwenza
umsebenzi osezingeni eliphezulu.
Ozakwabo, ngisho abasezingeni
lakhe, babenokumngabaza ukuthi
uzokwazi ukuba wumseshi.
Yingakho ethi efika nje
anikwe umsebenzi wokuthi
aseshe ngabafundi abamnyama
abathathwa njengabanothuthuva
futhi abafuna ukulimaza
amaphoyisa abamhlophe.
Le filimu inenqwaba yamahlaya
akushiya uphethwe yisisu kodwa
futhi kulokho kuhleka uphinde
ubone ukuthi empeleni abantu
abamnyama abahlala e-USA
babuthwala kanjani ubunzima
ngesikhathi besabandlululwa
bebizwa ngamaNigro, izinto
ezingaphansi komlungu
ngokwezinga.
Indlela ehlelwe ngayo le filimu,
ikwenza ungalahleki nakancane
endabeni nasezigamekweni
ezenzekayo.
I-BlacKkKlansman noma
kanjani izohamba yodwa kulo
nyaka.
Yize la mafilimu angamasuperhero
kujabulisa ukuwabuka
kodwa akachazi umhlaba esiphila
kuwo.
Nakuba kunjalo kodwa uSpike
usazihambela yedwa ekudidiyeleni
amafilimu awulolu hlobo futhi
amnandi. @RottenTomatoes has certified #BlacKkKlansman as FRESH! 😎
Catch this FRESH movie at your nearest cinema this Friday, 07 September 2018. Click here for showtimes - https://t.co/Qx8pbl9kDp! pic.twitter.com/8l7r2RVU5B
— UIPSA (@UIPSA) September 4, 2018
Kuyasho ukuthi
unesikhathi eyibambile kule
ndima kusukela ngefilimu eyayithi
She’s Gotta Have It ngo-1986.
Le filimu yakhe
iBlacKkKlansman ikhuluma
ngodaba oluyisimangaliso
lukaRon Stallworth, iphoyisa
elaliyingozi ngeminyaka yo-1970,
owayeyingxenye yeKu Klux Klan