ILUNGU leBongo Maffin, uSpeedy, libonge abalandeli babo ngokubabekezelela belinde umculo omusha njengoba likhipha ngoLwesihlanu.
Leli qembu elibunjwe nguye uSpeedy, Thandiswa Mazwai, Stoan noJahseed, lizokhipha umucu othi Harare odidiyelwe nguDJ Clap noPax Africa.
Bese kunesikhathi kubikezelwa ukuthi leli qembu liyapheka futhi kubuyiswe “nendodana yolahleko” uSpeedy.
“Siyabonga kubalandeli ngokusilinda. Siyabonga ngokuseseka ngoba yize sagcina ukukhipha ngo-2005 kodwa sisanandisa emicimbini amathikithi ayo adayise aphela ngaphandle komculo omusha,” kusho uSpeedy.
Uthe naye kuyamjabulisa ukubuya eqenjini.
“Le ngoma iqinisekisa ngokugcwele ukuthi sengibuyile eqenjini. Ngangingekho kwiBongolution ngo-2001 eyayinengoma ethi, The Way Kungakhona neNew Construction ngo-2005 eyayineSiyajabula,” kuchaza yena.
Uthe ingoma yabo entsha izoqala ukutholakala ezitolo zomculo ze-internet ngoLwesihlanu.
“Sizenzela into yethu, asincintisani namuntu futhi senzela umhlaba jikelele umculo. Kusukela kudala besiziqhenya ngokuba nezinhlamvu zesiShona emculweni wethu ngesikhathi lapho kungekho owayenza lokho. Namanje sisasigcinile isigqi sase-Afrika emculweni wethu. UStoan uza nobumbongi ne-hip hop, uThandiswa uyimbongi futhi uyacula, mina ngiza neR&B kuthi uJahseed eze ne-reggae. Sikuhlanganisile konke lokho kodwa asisilahlile isintu,” kusho uSpeedy. Uthe bekumnandi e-studio ngesikhathi beqopha futhi bahlale bekhona. “Sisaqopha namanje. Sesenze izingoma ezingu-17 futhi ngonyaka ozayo sizokhipha i-albhamu.”