INTOKAZI yakuleli engumethuli wezinhlelo, ithokozise abaningi ngesikhathi iphethe uhlelo lomncintiswano wonobuhle uMiss World South Africa ngempelasonto.
UMinnie Dlamini wanikela ezinkundleni zokuxhumana ngenyanga edlule, ezwakalisa ukujabula kwakhe ngemuva kokuthola inkontileka yeminyaka emibili yokuphatha uhlelo lwalo mcimbi.
“Umethuli osemthethweni we-@missworldsouthafrica ezosakazwa bukhoma umhlaba wonke iminyaka emibili. Ngisuka ekubeni nguLittle Miss South Africa 2002 njengoba sengilapha?” 😭❤️
Le ntokazi yaqhubeka yabonga uCarol Bouwer ngaleli thuba elihle kangaka.
Kulo mcimbi, uMinnie ubonakale eshintshashintsha ingqephu enhle kulo mcimbi okugcine kuphumelela udokotela uClaude Mashego.
UMinnie uveze ukuthi kulo mcimbi, ugqokiswe ngabasiki bengqephu abahamba phambili kuleli o-@palesamokubung, @asandamadyibi @gertjohancoetzee
Umcimbi uqale kukhonjiswa izicukuthwane ezingena kukhaphethi obomvu lapho owayengumethuli weSelimathunzi, uLunga Shabalala ebezibuza khona ngemisiko yazo.
Kuthe sekuqala uhlelo losuku inkundla yavulwa nguMthandazo Gatya. Abanye abanandisile nguNoba, Unathi noJimmy Dludlu.