LUBUYA nesigaba esaxabanisa ubendle uhlelo lukaRobert Marawa , okwaholela ekutheni naye agcine ehambile ekusakazeni ezemidlalo kwaSABC.
Lesi sigaba iRoom Dividers, saxabanisa lesi silomo nowayengungqongqoshe wezeMidlalo, uMnuz Fikile "Mbaks" Mbalula njengoba kusona kusuke kuhlutshwa udlubu ekhasini, ngezithinta ibhola lombhoxo.
I-SABC isanda kubika ukuthi izoqopha umlando ngokubuyisa uMarawa, ozokwenza uhlelo oluzodlala eziteshini ezimbili ngesikhathi esisodwa, kwiMetro FM nakwiRadio 2000. Lokhu kuzoqala ngo-Agasti uma sekudlule iWorld Cup.
Uhlelo lukaMarawa luzoqhubeka ngesikhathi olujwayelwe ngaso kwazise luzoqala ngo-6 ntambama, luphele ngo-7.30 ebusuku. Lesi sigaba sodumo sombhoxo, esasigabe ngezinkakha zalo mdlalo uThando Manana, Lawrence Sephaka noKaunda Ntunja - savalwa ngoNovemba 2015 ngemuva kokuqhatha uMarawa noMbalula.
Isolezwe ngoMgqibelo lithole ngenye yalezi zinkakha kodwa ecele ukungadalulwa ngoba isaba ukuyinyathela emsileni kwiSABC.
“Ngisanda kuba nengxoxo ende ocingweni noRobert Marawa, engitshela ukuthi iyabuyela emsakazweni iRoom Dividers. Manje-ke isizoba yingxenye yomlando njengoba wazi nje ukuthi nohlelo lukaMarawa seluzodlala eziteshini ezimbili, ngesikhathi esisodwa. Yinto engakaze yenzeke,” kusho enye yalezi zinkakha.
Ngesikhathi luvalwa, lwaluba ngoLwesibili. Okwabaqhatha noMbalula wukuthi uManana amsole “ngokungazi lutho ngokuba ngumdlali omnyama wamaBhokobhoko kukaMbalula ngenxa yokuthi akakaze awudlale umbhoxo.”
UManana ukhiphe incwadi ngo-2016 ebizwa ngokuthi “Being a Black a Springbok/Ukuba ngumdlali omnyama wamaBhokobhoko”.
UKaizer Kganyago osophikweni lwezokuxhumana kwaSABC, uthe akukho azokuphawula ngohlelo lukaMarawa ngoba konke kuzocaciswa ngemuva kweWorld Cup.
“Konke ngalolo hlelo kuzodalulwa ngo-Agasti. Ngeke ngikwazi ukuphawula ngalutho ngalo okwamanje," kusho uKganyago.
UMarawa noMbalula baphenduka inkukhu nempaka ngemuva kwalokho bengcofana nasezinkundleni zokuxhumana baze bahlanganiswa ngu-Oskido, ezama ukuthi bathelelane amanzi.
UManana uthe: “Kungaba wusuku oluhle embhoxweni waseNingizimu Afrika ukubuya kweRoom Dividers.”
Kuvuka ezalolu hlelo nje iNingizimu Afrika isamunyunga udaba lwabahlaziyi bakwaSuperSport, olunenhlese yokucwasana ngokwebala embhoxweni waseNIngizimu Afrika.
Le nhlese iqale ngoMeyi * -Ashwin Willemse edikila uhlelo, eshiya uNick Mallet noNaas Botha ebasola ngokumbiza ngomdlali wokwenzelelwa.