LIKHETHE ukuhoxa emkhakheni ebeliqokwe kuwo kuma-16th Metro FM Music Awards ukuze lidedele abaculi abasebasha emculweni wokholo iqembu iJoyous Celebration.
IJoyous ibiqokwe emkhakheni weBest Urban Gospel nabaculi okukhona kubo uDr Tumi, Lebo Sekgobela, We Will Worship noKhaya Mthethwa.
Bechaza ngokuphuma kulo mcimbi abakwaSony Music Entertainment lapho kuqopha khona leli qembu, bathe kwenzeke iphutha elikhulu kwaqokwa leli qembu kulo mkhakha.
Umqondisi omkhulu kulesi sitebele, uSean Watson, uthe bekukhona abaculi abahlukene bakwaSony abebelungiselela ukungenela le miklomelo kodwa kwaba nephutha abalibone sekumenyezelwa abaqokiwe kumaMetro.
“Ngesikhathi sihambisa abaculi abangaphansi kwethu kwangena neqembu iJoyous ngephutha. Siyaleseka kakhulu leli qembu kukho konke elikwenzayo kodwa kubonakale kungcono lidedele abaculi abasebasha kulo mkhakha nasemcimbini wonke,” kusho yena.
Uthe bayaqhubeka nokweseka iqembu ekuthatheni isinqumo sokuthi lingabe lisangenela imicimbi eklomelisa ngezindondo ukuze nabanye bathole ithuba.
“Sekuneminyaka leli qembu lingasayingeneli imicimbi efana nalena kodwa kulokhu kube yiphutha engingalazi lenzeke kanjani. IJoyous yangena yaze yaqokwa emkhakheni owodwa nokugcine ngokuthi imemezelwe emphakathini singazi ukuthi igama layo lahanjiswa,” kuchaza uWatson.
Uthe isitebele sabo sithanda ukuxolisa kakhulu esiteshini sakwaMetro, kuJoyous nakubalandeli baleli qembu.
Uthe leli qembu like laqokwa emicimbini efana nalena esikhathini esedlule futhi bebebambisene nalo kakhulu.
Iphutha elifana naleli ukugcizelele ukuthi lenzekile bayalivuma kodwa bazoqhubeka basebenzisane kahle nabaculi abahlukene nesiteshi sakwaMetro.
“Iqembu lizizwa lihloniphekile ngokuqokwa kwalo kodwa libona kungcono ithuba lilivulele abanye abasakhula kuleli,” kuchaza yena.
ULindelani Mkhize weJoyous uthe bayajabula kakhulu ukuthi umsakazo iMetro uhambe nabo iminyaka eminingi ubaxhasa njengekhwaya yomculo wokholo.
Okhulumela i-SABC, uMnuz Kaizer Kganyago, ugcine engatholakalanga njengoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa nomyalezo athunyelelwe wona ugcine engawuphendulanga