Umbuzo: Ngingowesifazane owashonelwa umyeni ngisemncane. Manje angazi ukuthi singakanani isikhathi ekumele ngisihlale ngaphambi kokuthi ngiqale ngibuke ngaphandle. Angizimisele ukwenza into ezophoxa abasemzini. Ngenzenjani?
Zodwa, Ladysmith
Impendulo:
Kubuhlungu ukushiywa umuntu wakho usamthanda. Kodwa noma kunjalo ngeke uzile impilo yakho yonke. Isikhathi sokuzila sakho sizokwaziwa nguwe kuphela ngoba nguwe owazi ukujula kobuhlungu obuzwayo. Kuyinto encomekayo ukuthanda abasemzini kodwa ngelinye ilanga kuyomele ubazise ukuthi uzimisele ukuqhubeka ngempilo njengomuntu osemncane. Sinesiqiniseko sokuthi ngeke bame endleleni yakho ngoba sethemba ukuthi nabo bayathanda ukukubona ujabule nokuqhubeka nempilo. Asikho isikhathi esibekiwe ngaphambi kokuthi uqhubeke nempilo kodwa nguwe oyokwazi mangabe sesifikile isikhathi.
Sikufisela impumelelo.
Umbuzo:
Sinonyaka sishadile nomyeni wami. Ngamshada ngazi ukuthi sihlukile ezintweni eziningi engingabala kuzo inkolo nokuziphatha nje. Ngangizitshela ukuthi emva komshado uzoshintsha. Kodwa kuyazifanela nje, futhi ngale kwaloku sihlezi sixabana njalo. Empeleni sengibona sengathi ngizifake enkingeni ukushada umuntu ongazwani nhlobo nenkolo. Ngibona sengathi ngizibophezele ngomuntu ngoba ngizitshela ukuthi lezinto ebengingazithandi ngaye zizoshintsha emva komshado.
Mpume, UMlaza
Impendulo:
Kuyinto ejwayelekile nesingayikhuthazi ukucabanga ukuthi umshado uzolungisa obekungahambi kahle ngaphambi komshado. Ayikho into edlula ukuhlala phansi nikhulume izinto enizifuna emshadweni ngaphambi kokuthi nishade. Ngaleyo ndlela ungena emshadweni wazi umuntu wakho azokwazi ukukwenza nangeke akwazi ukukwenza. Ofanelwe ukukwenza manje ukukhuluma nomyeni wakho ngaloludaba. Kungaya nangokuthi nobabili nizibophezele kangakanani kwimibono yenu. Kuzokwenyukela mengabe engekho ozogoba uphondo nifinyelele kwisivumelwano ngaloku.
Umbuzo:
Nginenkinga ngomyeni wami ongangihloniphi nhlobo njengomkakhe. Sengimubambe izikhathi eziningi engathembekile kimi kodwa uvele angizibe uma ngiyiphatha leyo, impilo iqhubeke sengathi akwenzekanga lutho. Njalo ngiyamxolela impilo iqhubeke, aphinde futhi enze adume ngakho. Manje angazi ngempela ukuthi ngenzenjani ukuze umyeni wami abone ukuthi ayingithokozisi le nto yakhe. Kunezinsuku engivele ngivukelwe ulaka uma ngimbheka ngoba ngivele ngifikelwe isithombe sabo bonke laba bantu besifazane abathandayo ngibe ngikhona empilweni yakhe. Yini mina le engingayenzi ngempela?
Okhathazekile, Empangeni
Impendulo:
Kusobala ukuthi umyeni wakho useze wajwayela ukwenza noma yini ayifunayo ngoba uyazi ukuthi unkosikazi wakhe ngeke enze lutho. Uwena owamjwayeza le mpilo ngokungenzi lutho mesenza lomkhuba wakhe. Sicebisa thina ukuthi umnqumele ugwayi katiki ngokuthi uma engashintshi indlela yokwenza uzobona owafika ngayo. Kodwa ungakusho lokhu uma ungazimisele ukulandelisa ngezenzo.
Umbuzo:
Unkosikazi wami usehlezi enginunusela ngeholo lakhe eledlula elami kulezi zinsuku. Noma engakwenzi lokhu ngokudelela kodwa uhlezi efaka ukuthi mina angilethi mali etheni ekhaya. Ngihlezi ngikuveza ukungenami kwami ngalo mkhuba wakhe, useze wangilwisa kamuva nje. Usethi nginomona futhi ngizwela kakhulu ngoba ngingathandi ukuthi akhule emsebenzini. Sengiqome ukuzithulela nje, ngingasho uma esenza le nto yakhe.
Iyangihlukumeza kakhulu indlela acabanga, nangibheka ngayo njengomyeni wakhe.
Igama ligodliwe, Stanger
Impendulo:
Kwaze kwakubi nokho lokhu. Siyazwelana nesimo obhekene naso. Unkosikazi wakho udinga ukwazi ukuthi akuyena kuphela oholelwa ngaphezu komyeni wakhe. Ukwakheka komshado phansi kwalesi simo kubiza ukuvuthwa nokukhula kunkosikazi wakho. Udinga ukukuhlonipha njengomyeni wakhe. Akekho umuntu onesiqiniseko sokuthi uyohlezi ehola ngaphezu kwakho. Khuluma nabangani bakho ukubheka ukuthi akekho onalenkinga na. Uyothola ukuthi baningi, ukuthi nje akuyona into enkulu. Bhekisisa futhi indlela oveza ngayo loludaba kuye. Ngesinye isikhathi akuyona inkinga ukuthi uveza ukunganami ngodaba oluthize kodwa indlela oveza ngayo. Sithemba futhi nokuthi wena awunayo inkinga nokuthi unkosikazi wakho uhola ngaphezulu kwakho.
Sithinte: Email: info@moandphindi IG: @mo_phindi Facebook: Mo&Phindi