UMBUZO: Impilo yami isengcupheni. Umyeni wami weminyaka emihlanu uqonywa kakhulu, akadlulwa siketi. Manje sengihlezi ngivika amantombazane ajola nawo. Enye saze saxabana nayo saze safikisana emaphoyiseni. Ngesikhathi sikhuthazwa ngosuku lomshado wonke umuntu omdala, ngisho abomndeni, babesho ukuthi kuyabekezelwa emshadweni. Manje angazi ngempela noma babekhuluma ngento enje yini. Engifuna ukukwazi ukuthi kubekezelwa kuze kube nini? Ngiqhubeka nokubekezela noma impilo yami isisengcupheni? Senganele manje.
Nonhlanhla, e-Adams Mission
Impendulo:
Akukuhle neze uma umshado unezezela usizi futhi akumelanga umshado ubeke impilo yakho ebungozini. Usuke wamchazela umyeni wakho ngakho konke lokhu? Kubalulekile ukuthi azi ukuthi ukungaziphathi kahle kwakhe kufaka wena obishini nabantu ongabazi. Kuyinto embi ngempela nokumele uyithathele izinyathelo eyokuhlukunyezwa abanye abantu besifazane ikakhulukazi abakuhlukumeza ngomyeni wakho. Uma kungukuthi uyabazi laba besifazane kungakuhle ubathathele izinyathelo ngokubavulela icala. Amaphoyisa angakunikeza ngisho i-protection order ngokuthi laba besifazane bangasondelani nhlobo nawe. Uma beqhubeka nokukuhlukumeza noma sekukhona le ncwadi eyisivimbelo, bangaboshwa ngisho nokuboshwa.
Kubalulekile ukuthi umyeni wakho akwazi konke loku ukuze ashintshe indlela yokwenza. Yebo sifundiswa ukuthi singaphumi noma yikanjani emshadweni, sizame ukulungisa ngaso sonke isikhathi kodwa ungaze ufake impilo yakho engcupheni egameni lokushada.
Umbuzo:
Ngicela ukubuza Mo noPhindi, kwenziwanjani uma unonkosikazi okwazi ukuhlala cishe kuphele inyanga yonke engakukhulumisi uma nixabene. Loku ukwenza ngisho nanoma kuwuye osephutheni. Isimo siba simbi kuze kubone ngisho abantwana bethu ukuthi akukuhle phakathi kwethu. Ingu-10 iminyaka sishadile kodwa namanje sisenenkinga efanayo. Angisazi ngenzenjani.
Thulani, ePinentown
Impendulo:
Kujwayelekile ukungaboni ngaso linye emshadweni kodwa kuhlalwa phansi zikhulunywe izinto. Anizohlala nivumelana ngaso sonke isikhathi kodwa okubalulekile yindlela enikhuluma ngayo uma ningaboni ngaso linye. Sidinga ukukhula emshadweni ngoba izinto kazizohlala zihamba ngendlela esiyifunayo ngaso sonke isikhathi. Siyazi ukuthi usukwenze konke okusemandleni akho kodwa sikholelwa ekutheni umshado awulula futhi udinga ukuthi siwulwele nsuku zonke.
Zama ukuthola umeluleki wezomshado noma umuntu enimthembayo enizokwazi ukuhlala naye phansi ukuze nikwazi ukubeka izinhlangothi zenu nobabili. Kusobala ukuthi unkosikazi wakho unezizathu ezenza aziphathe ngale ndlela okungenzeka aphumele obala ngazo uma kukhona umuntu wesithathu ozozwa udaba lwenu. Akukho eningeke nikwazi ukukulungisa uma nobabili nifuna ukulungisa nokwakha ikhaya lenu.
Sinesiqiniseko sokuthi unkosikazi wakho uyawuthanda umshado wenu futhi akazimisele ngokuthi upheliswe yinto encane njengokuzehlisa.
Umbuzo:
Nginenkinga kankosikazi ongangithobeli njengendoda yakhe. Ngihlezi ngimtshela ukuthi loku kungihlukumeza kanjani kodwa akalaleli. Ngifikelwa umunyu uma ngicabanga indlela enza ngayo. Njengokuthi uma ezovakashela kubo noma kuzofika abakubo ngisho ezosebenzisa imali yasekhaya, ngiba owokugcina ukwazi. Kwenziwa yini ngempela enze ngale ndlela? Ngizibona ngingelutho njengendoda.
Ndlovu, eBergville
Impendulo:
Isenzo sikankosikazi wakho asisihle neze.
Kona siyazi ukuthi kujwayelekile ukuthi omunye kulaba abashadile athathe isikhathi ukujwayela ukuthi sekukhona omunye umuntu empilweni yakhe okumele amcabange uma ethatha izinqumo. Abanye bathatha isikhathi ukujwayela ukuthi impilo ayisafani uma sekushadiwe.
Kasisho ukuthi kumele niphile impilo lapho kungathi nibophezekile kodwa kubalulekile ukuthi unkosikazi wakho akwazise ngezinto ezenzeka emzini wenu. Akumele ube ngowokugcina uma ethatha izinqumo ezinjengalezi.
Siyathemba uke wakuveza lokhu kuyena ngoba akuzoba lula ukukushintsha uma engazi ukuthi iyakukhathaza indlela enza ngayo.
Kungenzeka ngempela ukuthi hhayi ngoba engakuthobeli kodwa indlela akhule ngayo noma indlela abenza ngayo phambilini okwenza kube nzima ukushintsha indlela abesejwayele ukwenza ngayo ngaphambi kokushada.
Xhumana nathi ku:
Facebook: Mo & Phindi
Instagram: Mo _Phindi
Email: [email protected]