Umbuzo: Ngineminyaka emithathu ngiganile. Umyeni wami usengitshela ukuthi akakholelwa kwi-valentine. Kanti singakashadi, nakuyona le minyaka emibili edlule, ubehlezi engitatamisa ngalolu suku. Mina ngiyathanda ukutatanyiswa ngalolu suku futhi nami ngimenzela okuthile. Ngingamujika kanjani?
Balungile, eMondlo
Impendulo:
Akukuhle ukujikelwa umuntu wakho endleleni. Kodwa akuvimbi ukuthi umuntu angakhuli, abone izinto ngenye indlela. Noma kunjalo, sikholwa ukuthi emshadweni nimele ukukhula nobabili.
Kuhle ukumbuza umyeni wakho ukuthi kungani eseshintshe umqondo nge-valentine? Kuzofanele uzilungiselele ukuthi mhlawumbe akakaze akholelwe kulolu suku. Kungenzeka ukuthi wayezama izindlela zokukuhlaba umxhwele. Kodwa-ke akufanele akuzume ngalokhu. Bekufanele ahlale phansi nawe ukuze nawe ubeke umbono wakho. Sikholwa wukuthi lokhu akufanele kukwenze ucabange ngezinye izindlela ngothando lomyeni wakho. Uma ekhombisa ngezinye izindlela uthando, mamukele. Kodwa kubalulekile azi ukuthi wena uzizwa kanjani nge-valentine.
Umbuzo:
Ngishade ngoDisemba. Ngangithandana nabanye abantu besifazane ngingenayo imizwa yabesilisa. Angikaze ngiphumele obala ngalolu daba. Ngisho nasemndenini akekho owaziyo. Iqiniso ukuthi ngaqoma indoda le esagcina sishada nayo ngoba ngangifuna ingane. Ngagcina ngikhulelwe ngonyaka odlule, sashada nginezinyanga ezintathu ngikhulelwe.
Manje senginemizwa yokumthanda njengomyeni wami futhi ngiyafisa ukwakha ikusasa naye kodwa ngizizwa ngididekile kakhulu. Ngicela usizo.
Igama ligodliwe
Impendulo:
Sikubona njengento enhle ukudinga usizo. Umyeni wakho uzwakala njengendoda ezinikele kuwe. Kungamthikameza kakhulu ukuzwa lezi zindaba.
Iyodwa kuphela indlela yokubhekana nalolu daba, ukumtshela iqiniso ukuze nobabili nikhululeke. Uthando olusekelwe ngezimfihlo nangamanga imvamisa aluyi ndawo. Kodwa ngaphambi kokumtshela, bonana nongoti noma abeluleki bezengqondo nabezemishado. Lokhu kuzokusiza ukuthola ubuhlakani bokusingatha udaba lwakho.
Umbuzo:
Mo noPhindi ngifisa ukwazi ukuthi kwenziwa yini ukuthi uthando luphele emva kokushada iminyaka eminingi. Sineminyaka ewu-26 sashada nomyeni wami. Sesidlule ezintweni eziningi, siwa sivuka. Izingane zethu zontathu sezikhulile futhi sezizihlalela zodwa. Ngendlela esingesihle ngayo isimo, ngididekile. Angazi noma kuwumbono ophusile yini ukuhlukanisa.
MaMkhize, eYellowood Park
Impendulo:
Kujwayelekile ukuthi abantu asebeshade isikhathi eside bahlukane uma izingane seziphumile ekhaya. Isizathu esenza lokhu ukugxilisa umshado wenu kubantwana ningabe nisazinakana njengezithandani. Kuba nzima kakhulu uma abantwana bephuma ekhaya ngoba kuba yilapho nibona khona ukuthi anizange nitshale lutho emshadweni wenu. Lokhu kuchaza ukuthi kanazani ngendlela okumele nazane ngayo.
Ukuhlukanisa kungabukeka kuyinto efanele kodwa akuyona impendulo yalesi simo. Nidinga ukuqala phansi nazane njengabantu abasanda kuthandana. Qalani phansi nijole. Emva kwesikhathi nizobona ukuthi kuzoba khona umehluko phakathi kwenu.
Umbuzo:
Indlela umyeni wami asexhumana ngayo no-anti osebenza kwami isiqala ukusolisa. Ukhonze indlela apheka ngayo ukudlula eyami. Uma edinga uku-ayinelwa izingubo zakhe, ucela yena noma esebuya emsebenzini ukhuluma kakhulu naye ukudlula mina. Ngiyasebenza phakathi nesonto okuchaza ukuthi nami ngibuya emsebenzini ngikhathele.
Ngenzenjani ukuqeda lokhu kuzwana kwabo?
Nobuhle, eMlaza
Impendulo:
Akuyona into embi ukuzwana kwabo ngaphandle uma usubona sengathi sekuqala ukudlulela okuyilapho kumele ukhulume khona nomyeni wakho hhayi usisi okusizayo. Kuzomele umyeni wakho azame izindlela zokuhlehla kancane ekunakeni usisi njengoba wena ungaphatheki kahle.
Okunye okubalulekile wukuthi noma ngabe uyasebenza kodwa ungakhohlwa yindawo yakho ekhaya. Ungunkosikazi womuntu. Usisi osizayo akangabe esethatha indawo yakho ngoba nakhu wena usebenza. Zinike isikhathi somuzi wakho kodwa usisi yena akusize nje lapho engakusiza khona. Ukuphekela umyeni wakho kungumsebenzi wakho hhayi okasisi ngisho kungathiwa ubuya ukhathele. Akekho umyeni okujabulelayo ukuphekelwa omunye umuntu wesifazane umkakhe ekhona.
Facebook: Mo & Phindi
Instagram: @Mo_Phindi
Email: [email protected]