UMBUZO: Sabhala enkantolo nomyeni wami. Selokhu sashada asikaze sihlale ndawonye, ngihlala ekhaya naye uhlala kandodakazi yakhe. Akasebenzi okuyisizathu esenza ukuthi ahlale nendodakazi yakhe kwasekuqaleni kodwa emva komshado ngazitshela ukuthi uzofuna ukuthi sihlale ndawonye. Asixhumani nhlobo ngendlela abantu abashadile okumele baxhumane ngayo futhi kubukeka sengathi akumkhathazi ukuthi asihlali ndawonye. Ngingaphuma kanjani kulo mshado ngoba kimina ufana nento engekho.
Igama Ligodliwe
Impendulo:
Kuhle ukwazi ukuthi nanishadelani kwasekuqaleni. Kwakunguthando noma sikhona esinye isizathu esenza ukuthi nishade? Uma nashada ngoba nithandana kumele ngabe nihlala ndawonye ngoba abantu abathandanayo abafuni ukuhlala ngokuhlukana. Ngabe sikhona esinye isizathu esanishadisa mhlawumbe ongafuni ukusiveza? Ngenkathi nishada navumelana ngani? Ziningi izinto ezonakalayo ngenxa yokungakhulumi ngaphambi kokuthatha izinqumo. Kungenzeka ukuthi wayezitshela ukuthi uzoza ukuzohlala naye nendodakazi kanti nawe wawuzitshela ukuthi uzoza azohlala nawe ngemuva kokushada. Uma ningaphumeli obala nikhulume ngezinto ezithinta impilo yenu nizozithola nisezimeni ezinjengalezi. Okubalulekile nokumele uzibuze kona wukuthi uyamthanda yini umyeni wakho nokuthi yini eyanenza nashada. Emva kwaloko hlalani phansi niludingide lolu daba nizibuze ukuthi siyini isizathu sokushada kwenu uma ningahlali njengendoda nonkosikazi? Uthando luyakhula uma nihlezi ndawonye njengabantu abathandanayo futhi niyafundana kangcono.
Umbuzo:
Nginengane enezinyanga ezimbili engisanda kuthandana noyise wayo. Sihlangane ngixabene nesoka lami kanti ngizovele ngikhulelwe ngaleso sikhathi. Ngemuva kokukhulelwa libuyile isoka lami elidala kanti libuya sekonakele vele ngakumina. Inkinga manje wukuthi ngisalithanda kakhulu isoka lami futhi angazi ukuthi ngizomshiya kanjani uyise wengane engazange angone ngalutho. Ngicela usizo Mo noPhindi.
Zanele Makhanya, eLovu
Impendulo:
Wenza iphutha elikhulu ngokuthi uma uxabene nesoka lakho bese uya ocansini nomunye umuntu ikakhulukazi ongamthandi. Ayenziwa leyo nto. Kubalulekile ukuthi uma uhlukene nomuntu uzinike isikhathi esanele sokuzisesha ukuthi usamthanda yini ngaphambi kokuthi udlulele komunye umuntu. Kubalulekile ukuthi uphile nomuntu omthandayo ngoba akukuhle ukuphila impilo engamanga. Kuhle umazise uyise wengane ngakho konke futhi umtshele ukuthi uzoqhubeka abe khona empilweni yomntwana noma senihlukene. Cabanga kahle ngaphambi kokuthatha isinqumo.
Umbuzo:
Ngithandana nomuntu ekuqaleni obekubukeka sengathi ubeyiyo yonke into ebengiyifuna empilweni yami. Ubengenankinga nokufunda kwami nokufuna ukuphumelela empilweni. Manje sengathi akaseyena umuntu engahlangana naye ekuqaleni. Usengishintshele. Akasafuni ngiphume nabangani obekuyinto ebingamkhathazi ekuqaleni manje uthi yena ngeke abe nonkosikazi owuvanzi. Sengizibona ngiqamba amanga kwezinye izikhathi ngokuthi ngikuphi futhi ngiyaphi ngoba ngiyazi ukuthi ngeke alithokozele iqiniso. Thina asiphumi futhi asenzi lutho lokuzithokozisa. Angazi ngempela ukuthi ngizoshada kanjani nalo muntu. Ngiyofa nini nginomuntu okumele ngibe wumuntu engingeyena uma nginaye ukuze yena ajabule? Akuyona impilo le.
Thulisile, eRichards Bay
Impendulo:
Kuhle ukuthi nihlale phansi nesoka lakho nixoxe. Akuyona impilo ukuqhubeka nithandane kodwa omunye engathokozile ngendlela izinto ezenzeka ngayo. Mazise indlela obona eseshintshe ngayo nokuthi ekuqaleni ubuyithanda indlela abekweseka ngayo ezintweni ozenzayo kodwa manje ubona sengathi useshintshile. Kwesinye isikhathi umuntu akaboni ukuthi indlela enza ngayo ayimthokozisi omunye ongathola ukuthi uma nixoxa ngesimo angashintsha. Nawe kunezinto ezithize okumele uzishintshe empilweni ngoba awusewedwa manje sekukhona umuntu othandana naye okumele umcabange. Kumele wehlise nasekuhambeni kakhulu nabangani kodwa lokho akusho ukuthi balahle. Kubalulekile futhi nokuthi njengabantu abathandanayo nizijwayeze ukushaywa wumoya. Lokho kuyaluqinisa uthando kwababili. Kuhle isoka lakho likwazi nalokho ukuze lilungise lapho lingenzi khona kahle. Ukuthandana kuchaza kona lokho ukuthi niyabekezelelana. Zikhona izinto nawe ozoziyeka ngoba umuntu othandana naye engazithandi, naye ngokunjalo kumele kube khona lapho ehlisa khona noma lapho eshintsha khona. Ubudlelwane benu kumele bunithokozise nobabili hhayi ukuthi buvune umuntu oyedwa.