Umbuzo: Ngithandana nomshumayeli wasebandleni engikhonza kulona. Sesineminyaka emithathu sijola kodwa isikhathi sami akanaso, lapho ukuya ocansini sagcina ngoDisemba nyakenye. Anginankinga nalokho ngoba vele sisindisiwe ngakho vele akumele siye ocansini.
Noma bekhona abaziyo ukuthi siyathandana kodwa abaningi abazi futhi ngathi unokuzama ukungifihla. Ngabe kumele ngizikhathaze ngokungabi nesikhathi nami nokungifihla kwakhe?
Okhathazekile
eVryheid
Impendulo:
Kufanele ngempela ukhathazeke. Uma ekuthanda futhi elibona ikusasa nawe umshumayeli akumele akufihle noma angabi nesikhathi sakho. Enye yezindlela zokubonisa uthando ukuchitha isikhathi nalabo obathandayo. Ukungachithi isikhathi nawe kuyasolisa. Ake uyibhekisise kahle le yomshumayeli, kungenzeka ukuthi mhlawumbe ushadelwe noma kukhona omunye athandana naye. Zama nokukhuluma nomuntu omthembile nomaziyo umshumayeli ukuzwa ukuthi yena wazini ngaye. Uzomangala ukuthi kukhona abantu abazi izinto wena ongazazi.
Umbuzo:
Nginenkinga yomyeni osezinikele ngokweqile otshwaleni. Waqala ephuza ngezimpelasonto kodwa manje usumfica ephuzile naphakathi nesonto. Ngikhathazeke kakhulu ngoba uyena osondlayo kuleli khaya. Ukulahlekelwa kwakhe umsebenzi kungona izinto eziningi.
Igama ligodliwe, eMbumbulu
Impendulo:
Kuyiqiniso elimsulwa ukuthi utshwala sebubulale imizi eminingi. Uke wambuza kodwa ukuthi kushintsheni? Kungani esezinikele kangaka ekuphuzeni? Ngabe kukhona yini okumkhathazayo? Ungasabi ukuzibuza eminye imibuzo ngoba kusengenzeka ukuthi izimpendulo ziphambi kwakho. Zinike isikhathi uxoxe naye. Zama ngayo yonke indlela ukumeseka aze athole usizo aludingayo.
Umbuzo:
Emva kokushada besinokuzikhipha nomkami. Kwakuyinto esasiyenza noma nini, kungonakele lutho nje - ngikhipha unyawo nokuqinisa uthando lwethu. Inkinga ngangimfihlela unkosikazi ukuthi lokhu kuyangishaya ephaketheni. Manje emva kweminyaka sengiyabona ukuthi le mpilo ingishaye kakhulu ephaketheni. Ngimtshela kanjani ukuthi imali engiyiholayo ayisangivumeli ukuthi ngiqhubeke nokumphilisa impilo ephezulu?
Okhathazekile, eMorningside
Impendulo:
Kuhle uphumele obala kwamanje kunkosikazi wakho kungaze konakale kakhulu. Kunezikhathi eningavakashela abangani noma nenze izidlo ezimnandi endlini ngaphandle kokusebenzisa imali eningenayo. Ukujabula akukona ukuphuma kuphela kodwa ningazenzela nina ezenu izindlela zokujabula ezingeke zinidle ephaketheni.
Umbuzo:
Sinezinyangana nje ezimbalwa sishadile nomyeni wami. Ngaphambilini ngangizihlalela ngedwa ngenza noma yini engiyifunayo ngaphandle komuntu okumele ngidlule kuye. Manje ngizithola nginenkinga yokuthi sekukhona omunye umuntu okumele ngidlule kuyena ukwenza izinto ngemali yami. Kuyangihlupha kakhulu ukuthi angisakwazi ukuthatha izinqumo ngempilo nenjabulo yami. Ngicela usizo ngoba ngiyamthanda umyeni wami.
Thabisile
eThekwini
Impendulo:
Emshadweni kuyaboniswana. Ngakho ungakuboni ukuphumela obala ngokwezimali njengengcindezi. Kubalulekile ukuthi nibe mqondo munye. Into ezonenza nibe mqondo munye kuzoba ukwazi ukuthi omunye nomunye wenzani. Buka ukuvuleleka kumyeni wakho njengendlela yokwakha nje kuphela ungayibuki ngelinye ihlo.
Umbuzo:
Nginenkinga yomyeni ongazondli izingane zakhe zangaphandle. Sisanda kuthandana nganginganaki kodwa manje njengoba sesishadile sengiqala ukukhathazeka ngoba izingane zakhe zizocabanga ukuthi yimina onqaba nemali kanti akunjalo.
Ngingenzenjani ukuze abone ukuthi lesi senzo sakhe sizomzondisa nezingane ngelinye ilanga?
Igama ligodliwe
Inanda Newtown
Impendulo:
Ngoba umyeni wakho usezewajwayela ukungondli akasayiboni inkinga ngesenzo sakhe. Wena ngokwenza kwakho ukhombisa ukubambisana nomyeni wakho. Mhlawumbe mtshele ukuthi njengoba usukhona ufisa kubekhona ushintsho ngendlela enenza ngayo. Ningaqala ngokuthi emalini yenu yazinyanga zonke nivumelane ngokuthi imali engakanani eningayinika abantwana.
* Sithumeleni imibuzo ku: [email protected]
Nisilandele ku Mo& Phindi kuFacebook naku Instagram