Umbuzo: INGODUSO yami engizimisele kakhulu ngayo ingitshele ukuthi ayizimisele ngokuba nabantwana uma sesishadile. Into osekunesikhathi iyisho kodwa bengizitshela ukuthi iyazidlalela nje, manje ngiyabona iya ngokuqina le ndaba.
Angisazi ngempela ukuthi ngenzenjani, ngiqhubeke nomshado noma ngime? Engikwaziyo nje ukuthi ekugcineni ngithanda ukuba nabantwana abathi mina.
Igama ligodliwe, eShowe
Impendulo:
Ukuba nabantwana nokungabi nabo isinqumo okumele nisithathe nobabili. Kuyinto encomekayo kakhulu ukuthi seniqale ukukhuluma ngabantwana ngaphambi kokushada ngoba abantu abaningi abayikhulumi indaba yabantwana baze bangene emshadweni kanti phakathi kwabo kukhona ongazimisele ngokuthola abantwana, okugcina kudala ezinkulu izinkinga phakathi kwabo.
Sinesiqiniseko sokuthi ingoduso yakho inezizathu zayo zokungafuni abantwana ngakho ngeke umphoqe ukuthola abantwana engazimisele. Okubalulekile ukuzibuza ukuthi uzimisele yini ukuba semshadweni ongeke ube nabantwana kuwo. Mangabe kungeke kube yinkinga kuwe leyo ungaqhubeka ushade nengoduso yakho.Okuhle ukuthi ingoduso yakho iphumele obala ngalolu daba ukuze uzenzele wena isinqumo sokuhamba noma sokuhlala.
Umbuzo:
Ngicela ningisize la we bhuti Mo nosisi Phindi.Unkosikazi wami useqalile ukukhuluma ngakulindele ngosuku lwezithandani, iValentine kodwa manje angiboni ukuthi iphakethe lami (nelakhe) lizovuma kulo nyaka. Ngicela nisichushise maqondana nezinto esingazenza ukujabulela usuku lweValentine nesithandwa sami ngaphandle kokuchitha imali esingenayo.
Sindi, eHowick
Impendulo:
Imali akuyona nje kuphela ongakwazi ukukhombisa isithandwa sakho ukuthi usithanda kangakanani. Ziningi izinto eningazenza ekhaya njengokuphekela unkosikazi wakho ukudla kwakusihlwa abengakulindele, mekungenzeka ningahambisa abantwana kugogo ukuze nisijabulele isikhathi senu. Emva kokudla ningahlala endlini nizibukele izithombe zenu ezindala ukubona la nivela khona njengezithandani noma nizishayise ngomoya ngokuyothenga * -ice cream okungeke ukubize
kakhulu.
Okunye ongakwenza ukubhalela unkosikazi wakho incwadi encane yothando uyifake esikhwameni sakhe sasemsebenzini ukuze azithele kuyona esesemsebenzini.
Loku kuzomenza ukuthi alangazelele ukubuyela ekhaya emva komsebenzi.
Umbuzo:
Ngisanda kuthola ukuthi unkosikazi wami weminyaka ewu-15 uthandana nomuntu ebengizitshela ukuthi umngani wakhe sonke lesi sikhathi.
Le nto ingibulale umphefumulo kakhulu ngoba ngiyazibuza ukuthi sesingakanani isikhathi bethandana kodwa mina ngingaboni lutho. Ngizwa ngimcasukela kakhulu unkosikazi wami kodwa uthando lwezingane zami luthi angilwe ukulungisa isimo phakathi kwethu. Inkinga manje ukuthi unkosikazi usethathe izingane washaya wachitha.
Ngenzenjani?
Igama ligodliwe, KwaDabeka
Impendulo:
Sizwelana kakhulu nesimo obhekene naso. Kuyajabulisa kodwa ukwazi ukuthi emva kwakokonke usazimisele ukwakha umuzi wakho. Kusobala ukuthi unkosikazi wakho unamahloni ngesenzo sakhe wabona kungcono ukuhamba ukuzama ukuvala ihlazo.
Sibona kukuhle ukuhlala phansi nemindeni yenu nobabili ukuzama ukuxazulula izinkinga zomuzi wenu. Iminyaka ewu-15 miningi kakhulu ukuthi ningayekela umshado wenu ubhidlike kanjalo ningawulwelanga. Kubaluleke kakhulu kulesi sikhathi ukuthi nobabili nifune ukwakha umshado wenu ngoba ngeke wakhiwe nguwe wedwa.
Kubalulekile ukuthi nonkosikazi wakho abonise ukuthi uzimisele naye ngokuqala kabusha angisayiphathi eyokuxolelana.
Umbuzo:
Ngingowesilisa oseneminyaka emithathu emshadweni. Asinankinga etheni nonkosikazi wami ngaphandle kwaleValentine eyafika. Eminyakeni emibili edlule, akangenzelanga lutho mina ngeValentine ngoba ethi abantu besilisa ekumele batatamise abesifazane ngalolu suku. Mina ngikholelwa ukuthi sobabili kumele sijabulisane ngeValentine. Ngabe ngiyona?
Sbonelo, Amanzimtoti
Impendulo:
Usuku lweValentine usuku okubungazwa ngalo uthando phakathi kwalaba abathandanayo emhlabeni wonke. Akukho la kushiwo khona ukuthi abesilisa kuphela okumele batotose abesifazane. Empeleni akulona usuku lokuchitha izizumbulu zemali kodwa olokukhombisa uthando kulaba abathandanayo. Nobabili niyadinga ukukhonjiswa ukuthi nithandwa kangakanani. Nabantu besilisa bayaludinga uthando njengabesifazane.
- Ezothando