SEKUVELE ukuthi kugxabha izisu kwabanye abalingisi nabasebenzi bomdlalo Uzalo wakuSABC1 kulandela ukuvela kwamahlebezi okuthi kungase kumiswe ukuqopha kuleli sonto ngenxa yokushoda kwemali.
La mahlebezi aqhuba athi abanye babasebenzi bangase baphelelwe yimisebenzi ngenxa yokuthi inkampani ewukhiqizayo lo mdlalo iStained Glass intula imali.
Kuthiwa lezi zinkinga zivele ngenxa yokuthi inkampani ekhiqiza Uzalo ingenye yezigcine ukukhokhelwa yiSABC ngoJuni.
Okhulumela Uzalo u-Ayanda Mthiyane ucele ukungaphawuli kulolu daba.
Okhulumela iSABC uMnuz Kaizer Kganyago uthe bahlanganile ngesonto elidlule nenhlangano ebhekele abakhiqizi bezinhlelo kodwa ngeke akudalula emphakathi okwakhulunywa.
Uphinde wathi yize kunezinkampani abazikweletayo kodwa akusizona zonke wangaphumela obala ngokuthi eyoZalo nayo ingenye yazo noma cha.
Isolezwe ngeSonto liyibonile ikhophi yencwadi ebithunyelwa izinkampani zezinhlelo ixolisa ngokungakhokhi imali kweSABC, Uzalo nalo okuthiwa lwathunyelwa yona.
Ukusabalala kwale ncwadi kubasebenzi sekufake itwetwe kubasebenzi ngenxa yokungaqondi ngekusasa labo.
Ngokwemithombo ethembekile, Uzalo lube nomhlangano ngoLwesine ngalolu daba. Kulapho kuvele khona ukuthi kungase kumiswe ukuqoshwa koZalo kuleli sonto eliqalayo kuphinde kuxoshwe abanye babasebenzi.