UPHIKA izinsolo zokudelela nokwehlulwa umsebenzi wakhe omusha umethuli wohlelo iKhumbul’ekhaya, u-Andile Gaelesiwe.
U-Andile osanda kuqala njengomethuli omusha wohlelo lweMoja Love, Uthando Noxolo ugxekiwe ezinkundleni zokuxhumana ngemuva kwalolu hlelo kuleli sonto.
Usolwe ngokuba nonya kowesifazane owayecele ukuthi amsize axolise kuyise wezingane zakhe ayesabise ngokubulala izingane zabo ngoshevu.
Ekhuluma neSolezwe ngoMgqibelo emcimbini wokwethulwa kwezinhlelo ezintsha zeMoja Love, eSandton, eGoli, ngoLwesithathu u-Andile uthe ngokuhamba kwesikhathi “uNkulunkulu uzongikhulumela”.
Uthe ubonile abantu bemnikiza ezinkundleni zokuxhumana, wathi kumele baqonde ukuthi usemusha kulolu hlelo.
“Ngokuhamba kwesikhathi kuzocaca. Abantu abaqondi ukuthi kuthatha izinsuku ezimbili ukuqopha isiqephu esidlala imizuzu engu-24. Ungikhalisile kakhulu lo sisi, ngize ngacela ukuthi sibuyele kuye ngosuku lwesithathu. Angisoze ngathela usawoti esilondeni somuntu. Anginjalo, abantu bangasho abakuthandayo, inqobo nje uma ngazi ukuthi mina ngimshiye esesimweni esikahle,” kusho u-Andile.
Uthe ukudelela into ekude kabi naye ngoba wesaba uNkulunkulu kanti uyakholelwa ukuthi umuntu ahlangana naye ungumfanekiso kaNkulunkulu.
Uqhube wathii akakwazi ukuthi uyathandaza uma ehluleka ukuhlonipha abanye abantu.
Isifiso sakhe ngalolu hlelo olusha uthe ukuthi abantu bangagcini ngokubaveza kuthelevishini kuphela kodwa babatholele usizo.
Ebuzwa ngeKhumbul’ Ekhaya uthe usekhona kuyo, usesele yedwa kubantu abasebenza kuyo iqala ngo-2006.
Uthe ufuna ukulikhulisa uhlelo Uthando Noxolo njengoba enza kwiKhumbul’ekhaya egcine isithandwa abantu bonke bakuleli.
Unxuse ababukeli ukuthi bamnikeze ithuba bayeke ukumqhathanisa noJub Jub owayethula lolu hlelo phambilini.
Ukusiza abantu uthe akusiwo umsebenzi kuye kodwa kuwubizo