INHLANGANO yomalume abathutha izingane zesikole iKwaZulu-Natal Scholar Transport Association ithi kayeneme ngokukhonjiswa komalume njengabantu abanodlame emdlalweni woMzansi Magic Isibaya.
USihlalo weKwaZulu-Natal Scholar Transport Association, uMnuz Mandla Mvubu, uthe abeSibaya kufanele benze ucwaningo olunzulu ngoba lokhu abakukhombisa kwithelevishini akwenzeki komalume bangempela.
“Omalume bashise itekisi lakwaNdlovu kwiSibaya ekubeni yinto esingayenzi leyo siwomalume. Akusiphethe neze kahle lokhu okwenziwa ababhali beSibaya ngoba benza omalume kube sengathi ngabantu abanodlame ekubeni banokuthula. Omalume bazama ngaso sonke isikhathi ukuthi kube nokuthula ukuze bathuthe kahle izingane zesikole. Lokhu okwenzeka kwiSibaya asazi okomalume bayiphi indawo,” kusho uMvubu.
Usole ababhali beSibaya ngokubukela phansi omalume esho nokuthi ngesikhathi bebhikisha banikwa amasemishi sengathi omalume abantu abalambayo.
“Omalume abanazo izimoto ezigugile njengezikhonjiswa kwiSibaya. Bathenga ama-quantum amasha, amabhasi ahlala abantu abawu-22 nezimoto eziphilayo. Ngisho esezineminyaka azizona izikorokoro kodwa zikufanele ukuhamba emgwaqweni. Siyacela ababhali besiSibaya bawuyeke umkhuba wabo.”
Imizamo yokuthola ukuphawula kwaboMzansi Magic lapho kudlala khona Isibaya ayiphumelelanga nenkampani ekhiqiza Isibaya iBomb Shelter kuze kwashaya isikhathi sokushicilela ingayiphendulanga imibuzo yeSolezwe.