UTHANDO lokusakaza lwamenza walaxaza umsebenzi owawumholela kahle kuMasipala wasePort Shepstone. UMziwakhe Sebenza, waseMzimkulu, eThembeni ungumsakazi esiteshini iVibe FM, KwaMashu.
UMziwakhe, odume ngelikaWakhe kubalandeli bakhe, wenza uhlelo oluthi The Fast Lane, alwenza ngokubambisana noDJ Happygal.
Lolu hlelo lungena ngoMgqibelo ngo1.30 kuya ku-4 ntambama.
Kulona uthe ugxila kakhulu ezintweni ezithinta ubumnandi bese beba nomculi abaxoxa naye ngohambo lwakhe kule ndima.
Ekhuluma neSolezwe uWakhe, uthe ngesikhathi eqeda umatric eClydesdale Senior Secondary eMzikhulu ngo-2005, waya kofundela iziqu zePublic Management eBerea College.
“Ngemuva kwalokho ngabuyela ekhaya ngazama ukuthola umsebenzi. Ngempela ngawuthola kwamasipala. Ngemuva kwalokho ngezwa ukuthi kukhona into eshodayo empilweni njengoba ukusakaza ngangikuthanda. Ngagcina ngiyeka umsebenzi owawungiholela kahle ngaya eGoli ukuze ngiyobheka ukuthi amathuba okungena endimeni yobumnandi ayangivulekela yini. Ngempela ngafike ngawuthola umsebenzi emsakazweni iCosmo FM,” kusho uWakhe.
Uthe kulo msakazo wafika ngoJulayi 2017 nala anikwa khona uhlelo oluthi Midday Delight, olwalungena ngo-12 emini luphele ngo-3 phakathi nezinsuku.
“Ngenxa yokuthi eGoli imali yayingangeni kahle futhi ngikude nekhaya, ngakhetha ukubuya, nokula ngonyaka odlule ngoDisemba ngibe sengithathwa yiVibe FM njengoba yayidinga abasakazi ababezobamba izinhlelo. Ngabamba izinhlelo ezihlukene khona kwathi ngoJanuwari bangidedela. Ngesikhathi sekuqala unyaka omusha wokusakaza kulo msakazo ngase nginikwa ithuba lokuba kulesi siteshi ngokugcwele,” kusho yena.
UWakhe uveze ukuthi ngelinye ilanga ufuna ukuzibona eseziteshini ezinkulu okukhona kuzo iRadio 2000.
Uma ungumsakazi ufuna ukuzibona kule ngosi ungangithumelela i-email [email protected]