ZIZOPHENDULEKA izikhalo zabanye abalaleli boKhozi FM njengoba kuthiwa siyabuya isilomo somsakazi, uKhathide “Tshatha” Ngobe, ezinhlelweni zaphakathi nesonto kusuka ngo-Ephreli.
Imithombo yeSolezwe emibili ilipotshozele ukuthi uSiya Mhlongo uyagudluzwa ohlelweni lwantambama, Ukhozi FM Drive. Esikhaleni sakhe ithe kubuya uTshatha ozojoyina uSelby ake alushayela naye lolu hlelo phambilini.
Akucaci ukuthi uSiya uzongena kuphi njengamanje njengoba igama lakhe lingaveli ezinhlelweni zaphakathi nesonto, ngokusho komthombo.
Omunye uveze ukuthi uSiya akuyena yedwa ohambayo ohlelweni lwantambama kepha nomdidiyeli wemisindo, uSphongo Dladla, uzokwehlela ohlelweni lwango-12 kuya ku-3 bese kuthi obekhona, uSbo, aye kolwantambama.
“Ekuseni ithimba lakhona lizoqhubeka linjalo (DJ Sgqemeza, Mroza Buthelezi nomdidiyeli, uBabheke Mthethwa) nasohlelweni lukaDudu Khoza noMelansi (Ayanda),” kusho umthombo.
Omunye uthe uhlelo obelenziwa uBheka Mchunu ngo 12-3 selizokwethulwa uKing uKing Sfiso.
Kwenzeka lokhu nje, leli phephandaba lithole ukuthi uKing Sfiso ubeshelwa yisiteshi sakhe sakudala, iGagasi FM, ukuthi azokwenza uhlelo lwantambama phakathi nesonto khona.
“Zike zaba khona izingxoxo kodwa kwaphela kanjalo,” kusho uKing Sfiso.
“Isikhathi asivumi, okwamanje ngisagxile oKhozini. Ngingabuyela kwiGagasi ngoba umsakazo ngiyawuthanda futhi angihambanga kabi, cishe wonke umuntu osebenza khona ngiyakhuluma naye.”
Okhulumela iGagasi FM, uKhulekani Shandu, uthe kungenzeka ukuthi umsakazi azihlanganele nomphathi bese iyangena ingxoxo enjalo kodwa hhayi ngokusemthethweni.
“Nami ngingahlangana naye bese siyazixoxela kodwa lokho akusho lutho. Kumele kube wumhlangano webhizinisi osemthethweni,” kusho uKhulekani othe nabo babheke ukwenza izinguquko ngo-Ephreli.
Uhlelo ubelukade lusakazwa uTshatha, iTop 20, luzothathwa nguMandla “Njinji” Magwaza.
“Angiboni ukuthi iTop 20 izonikezwa uMaFresh ngoba usanda kuthola iParty Yomhlaba ebiyenzwa wuMzokoloko. Ngeke angene kabili ngosuku olulodwa.”
Umthombo wangaphakathi uthe amathimba azokwaziswa kusasa ngezinguquko.
Okhulumela iSABC uGugu Ntuli uthe abaphathi boKhozi bazozimemezela izinguquko ngokuhamba kwesikhath.