INTOKAZI yaKwaNyuswa, ePort Shepstone, uZama Mseleku, ayikholwanga idlulela emzuliswaneni wamanqamu kuKhozi FM Next Winnie Mahlangu Search Competition ngoLwesihlanu.
Uthe nokuqokwa wayengakulindele ngenxa yokuthi wayengena-demo, okwamphoqa ukuba asebenzise ifoni ngemizuzu yokugcina.
“Bengingabhekile ngoba bengazi ukuthi kungenele izinkulungwane zabantu abafuna leli thuba.
“Nendlela nje engangenela ngayo kwase kuyimizuzu yokugcina. Ngingena-demo futhi ngingazilungiselele. Ngaziqopha ngefoni.”
UZama uthe nokungena kuGroup 3 kwamthusa ngoba wayengalindele.
“Yize bekunjalo kodwa bengilubona uxhaso lwabantu basoGwini, ikakhulukazi basePort Shepstone nabanye abalaleli boKhozi nabangani bami bakwiFacebook.
“Belukhona kodwa lolo valo.
“UNkulunkulu emuhle, ngadlulela phambili khona kunjalo,” kuphetha uZama owenza izifundo zePerforming Arts e-Icesa College emuva kokuphothula uGrade 12 eZuzicebo High.
UZama (28) uqumbe phansi kuGroup C ozakwabo uZama Mncwango (36) weJozi FM noZinhle Xulu (33) waseMgungundlovu kodwa osakaza kwi-Impact FM yasePretoria.
UZama usejoyine abanye ozakwabo ababili asebedlulele emzuliswaneni wamanqamu, uMinenhle “Minimizer” Masondo (30) weZululand 97.0 FM noNoxolo Buthelezi (27) weNkandla 102 FM.