SIZOVALWA wu-Aldrin Sampear isikhala esishiywe wuBongi Gwala kwiSAfm.
Izolo uNksz Kina Nhlengethwa ongumphathi siteshi weSAfm osabambile uthe kusukela ngoJanuwari 4, uhlelo lwantambama kulesi siteshi luzoshayelwa ngu-Aldrin.
Lolu hlelo obelwaziwa ngokuthi iThe Talking Point seluzobizwa ngeBeyond the Headline uma selusakazwa ngu-Aldrin ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu ngo-3 kuya ku-6 ntambama.
UBongi Gwala ushiye kwiSAfm ekupheleni kuka-Okthoba kanti abalandeli bakhe bazwakalisa ukushaqeka okukhulu kwazise wabashiya bengalindele.
U-Aldrin akamusha kwezokusakaza kwazise uyintatheli ebuye isakaze izinhlelo ezihlukene emsakazweni nakuthelevishini.
Njengamanje u-Aldrin usakaza kwiPower FM.
“Sijabule kakhulu ukwamukela uSampear kwiSAfm ngoba uza nolwazi olunzulu lwezokusakaza. Ungumethuli wezinhlelo zethelevishini nezomsakazo. Kuyimanje usakaza uhlelo olubizwa nge-African Perspective olukhonjiswa njalo ngoLwesithathu ebusuku kuSABC3,” kusho uNksz Nhlengethwa.
Uthe ukufika kuka-Aldrin kuzokhombisa abantu ukuthi iSAfm izohlale igqamile, iletha izingxoxo ezihlabahlosile ezizokwandisa isibalo sabalaleli.
Izolo u-Aldrin uthe u-2020 umphuce izinto azithandayo kodwa ubuye wamnika okuningi.
“Nsukuzonke ngihlale ngibona okusha empilweni yami. Ngiwumkhiqizo weNingizimu Afrika nabantu bayo. Ngiyabonga kuwo wonke umuntu onginika ithuba. Lena eyethu. #SAfmBTH,” kusho u-Aldrin.
Izolo abalandeli beSAfm bathe bayakujabulela ukuthi isikhala sikaBongi sizovalwa ngu-Aldrin ngoba naye ungumuntu okhaliphile.
Omunye umlaleli uDa Vice Phele uthe: “Nikhipha umlilo ngomunye umlilo. Siyakwamukela Aldrin Sampear.”
UPhelokazi Bhelekazi StarMpresh Mbete ukhale ngokuthi uBongi Gwala wanyamalala bengalindele, akasalulaleli uhlelo lwakhe kodwa mhlawumbe lo mfana (Aldrin) uzomenza abuye ngoba uyawazi umsebenzi wakhe.