ISITESHI esenza inzuzo esizinze eNewcastle, iMvula FM, sihlabane ngofishi omkhulu ngoba sesiphethwe ngobe ngumfundi wezindaba oKhozini FM, uSimphiwe "Sgalamba" Mthethwa.
Isolezwe NgoMgqibelo lithole ngomthombo ukuthi uSimphiwe usengumangqingqiza kulo msakazo. Ethintwa uSimphiwe uvumile ukuthi usengumphathi womsakazo emuva kokweshelwa ngumsunguli wawo, uPhumlani "Dkt Mngcwabuyahlehla" Dlamini.
"Wangicela ukuba ngizomsiza, ngisebenzisane naye. Wathi ufuna umuntu onamava okusebenza emisakazweni."
Uthe ithole ingqayizivele yethuba evele engasasebenzi ngoba wagcina ukusebenza ngoSepthemba nyakenye kwaSABC, ngemva kokungavuselelwa kwesivumelwano.
UPhawule kanje uSimphiwe: "Njengomuntu onothando lomsakazo nozihlupha ngokuthekela ulwazi, ngineminyaka ewu-18 ngisemkhakheni wokusakaza."
USimphiwe waqala ukuzibandankanya nezokusakaza ngo-2004 futhi wayekhona kusungulwa iNewcastle Community Radio, eyamsiza ngolwazi ngaphambi kokufudukela kwaSABC ngo-2013.
Ethintwa uDlamini uvele wafa yinsini. Akukhona okokuqala umsakazo uqasha abantu abanamava. Uke wasebenzisana noLinda "Mr Magic" Sibiya, noMinenhle Masondo wodumo loKhozi FM.