INTOKAZI yaseDududu uCeliwe Gumede (27), ithe ukungena emsakazweni kuyikhombise ukuthi inamakhono ahlukene ebingawazi ingakangeni kulo mkhakha.
UCeliwe ongumsakazi esiteshini somphakathi iLife FM, ekhona eDududu, uthe ukusakaza wakuthanda elalela umsakazo Ukhozi FM, kusekhona uBongi Gumbi Magudulela.
Ekhuluma neSolezwe uthe eqeda u-matric eSithuthukile Secondary ngo-2015, wazama ukubheka ukuthi kungenwa kanjani kulo mkhakha njengoba izinto zazingakhombisi ukuthi uzoqhubeka nemfundo njengoba ayeseshonelwe abazali.
"Ngenxa yokuthi kwase kuyimina kuphela nodadewethu, ngabona ukuthi eyokungena emsakazweni ayilungi ngabe sengibamba amatoho ukuze siphile. Ngabona ezinkundleni zokuxhumana ukuthi sekunomsakazo eMzinto wona lo engikuwo manje, kodwa kwaba nzima ukufinyelela kuwo ngenxa yemali nokuthi kumele ngiqashe uma bengithatha ngabona ukuthi ngeke kuze kulunge ngakhetha ukuthi ngiqhubeke nokubamba amatoho. Kodwa ngaqhubeka nokuwulalela lo msakazo ukuze ngizwe izinhlelo zakhona ngazithanda kakhulu ikakhulukazi lezi ezakhayo,“ kusho uCeliwe.
Uthe ukuthuthela kwalo msakazo eDududu, eNkampula kwenza wabona ukuthi kumele azame ukufinyelela khona.
“Ngahlangana nabaphathi bakhona, ngabatshela ngephupho lami bathi angishiye imininingwane yami. Ngo-2021 ngaqala ukuzwakala kulo msakazo ngisakaza uhlelo lwantambama iDrive Home engena ngo-3 kuya ku-6 ntambama. Ziningi izinhlelo engizenzile ngibamba ngiyeka nokuthe kulo nyaka ngabe senginikwa uhlelo iHot 40 hits engena ngo-10 kuya ngo-2 ntambama ngoMgqibelo. Ukungena emsakazweni kungivulele namanye amathuba njengoba sengingene emkhakheni wokulingisa nowokuhlela imicimbi ethinta amaciko ahlukene ngasekhaya,” kuchaza uCeliwe.
Unxuse intsha ukuthi isukume izame amathuba ahlukene ukuze iziphilise.
Uma ungumsakazi ufuna ukuzibona kule ngosi ungangithumelela i-email [email protected]