NGESIKHATHI imisakazo eminingi yenza izinguquko nesiteshi somsakazo womntakabani i-947 simemezele abanye babasakazi baso abasha okubalwa kubo noMoeti " Mo Flava" Tsiki.
Lo msakazi selokhu kwadangala abaningi ephuma kwiMetro FM kanti ukumenyezelwa kwezindaba zokuthi usezokwethula uhlelo oluzongena ngo-9 ekuseni kuya ku-12 emini phakathi nezinsuku, zijabulise abaningi.
"Sengiyingxenye yomndeni we-947 ngokusemthethweni, uhlelo lokuqala lungo-Ephreli 3," kusho uMo Flava ememezela emakhasini akhe ezinkundleni zokuxhumana.
Izikhulu ze-947 ziphinde zamemezela nasemakhasini omsakazo ukwazisa abalaleli ngokusemthethweni nangezinguquko njengoba ethatha izintambo kuMsizi.
Lezi zindaba zifike sebezilindele abalandeli bakhe ikakhulu labo ebebemeseka eminyakeni eyishagalombili edlule, ayichitha kwiMetro FM.
"Ngazile njengenjwayelo selokhu ngakulandela kwiMetro FM, ngasho ngathi uzobuya," kusho uDeep Lani.
"Ngiyakulandela mina, ngijabule kakhulu," kusho uDineo Dinny Makhotla.
"Bese silikhumbule izwi lakho emsakazweni Mo Flava, ngikufisela inhlanhla, vele udalelwe umsakazo," kusho uWadiwe Leutletse.
"Ngiyakujabulela kakhulu bhuti wami, uNkulunkulu akubusise," kusho uLebohang Clement Pharoe.
"Okuhle kodwa Mo mfethu i-947 ihlabene, ngiyafisa ukukulalela kodwa ngizobe sengisemsebenzini ngesikhathi sohlelo lwakho," kusho uNku Mahlalela.
"Ngangazi ukuthi ubekelwe izinto ezinkulu, ngiyakubongela Mo," kusho uPalesa Mofokeng.
I-947 izoqhubeka ivule ekuseni ngohlelo oluyintandokazi i-Anele and the Club bese kungena uMo Flava alandelwe uZweli Mbhele, Thando Thabethe, Robert Marawa bese kuvala uMsizi noBolele.