KUPHELA amaphupho komunye wabasakazi abasha boKhozi FM, uLonda Mbatha, ozoqala ukwethula uhlelo ngeSonto ngo-3 ekuseni.
ULonda (27) waseKuvukeni, eMnambithi, uthole umsebenzi emuva kokuhlabana nyakenye emncintiswaneni iWinnie Mahlangu: Next Female Presenter Search. Uthi usejahile ukwethula uhlelo futhi umi ngomumo. Eqhuba uthe abantu abamesekayo balangazelela ukuzwa iphimbo lakhe emsakazweni oyisikhondlakhondla ezweni, onabalaleli abangaphezu kwezigidi eziyisikhombisa.
Uphawule kanje uLonda:"Sengikulangazelele ukuthi ngizwise abalaleli nabalandeli bami ukuthi ngibaphatheleni."
Uthe uzimisele ukwenza uhlelo oluhlukile kunalelo ebelusakazwa ngozakwabo uBingelela Mpanza, noZama Mseleku.
Intokazi ithembisa ushintsho ohlelweni kepha ayikaliqambi igama. "Igama lizoshintsha futhi ngizolimemezela ngalo iSonto."
Uthe uhlelo luzogxila ekushintsheni impilo yabantu, ikakhulu abasha futhi uzobanikeza ithuba lokuba bambhalele ukuze baxoxe ngezimo abadlule kuzo empilweni.
"Ngifisa bangazise ukuthi badlule kanjani kulezo zimo. Ngikubona kuyinto enhle ezogqugquzela abantu asebephelelwa yithemba ukuthi impilo yabo isengashitsha ibanike ithuba lesibili lokuba benze kahle noma kangcono." Yize ephuma emndenini omkhulu kodwa uyinkosazane kunina futhi ulanywa ngabafana ababili.
Akaqomile futhi uthi usekude ukuba nomntwana. Ubonga umphakathi owamvotela, umndeni nozakwabo nabaphathi boKhozi FM, ngokumemukela ngezandla ezifudumele.
Unxuse abantu abanezindaba ezikhuthazayo ukuba bamthinte ku-Instagram:londa_mbatha nakuFacebook: Londa Mbatha.
*KHONAMANJALO: Basale dengwane abalaleli beNongoma FM, ngemva kokuba abe-Icasa bevale umsakazo. Isolezwe NgoMgqibelo lithole ukuthi sewuyoze ubuyele emoyeni ngoNovemba.