ALIBONWA nangokhalo igama likaMzokoloko ezinguqukweni ezimenyezelwe yiSABC ezithinta umsakazo uKhozi FM ngoLwesithathu.
ISABC isigcine iphumele obala ngezinguquko ezinhlelweni zalesi siteshi ngemuva kwesikhathi abantu bezibuza beziphendula ngokuhlelwa kwazo nonyaka.
Esitatimendeni esithunyelwe abezindaba ngoLwesithathu kuvele ukuthi uSipho “Sgqemeza” Mbatha uzobuyela ohlelweni lwasekuseni, ashaya into ecokeme kulo phambilini, phakathi kuka-6 - 9 ekuseni phakathi nesonto. Uzobambisana nomunye umsakazi osemnkantshubomvu kulesi siteshi uNonhlanhla “Mroza” Buthelezi. Eminyakeni edlule laba basakazi bake bashayela uhlelo lwantambama ndawonye.
UDudu Khoza uzoqhubeka ayibambe phakathi kuka-9 no-12 ntambama kusukela ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu ohlelweni asehlale kulo iminyaka engaphezulu kuka-20.
Ngo-12 kuya ku-3 ntambama kuzongena uBheka “Beekay”” Mchunu, kanti uSelby noSiya Mhlongo bona bazoyibamba ohlelweni oluqala ngo-3 kuya ku-6 ntambama njalo phakathi nesonto.
UZimdollar uzoqhubeka ayibambe ishisa kuSigiya Ngengoma njalo ngoMgqibelo ngo-9 kuya ku-12, bese elandelwa uKhathide Ngobe ngo-12 kuya ku-3. Umfo kaNgobe uzophinde ayincenge phakathi nesonto ngoMsombuluko kuya kuLwesithathu engena phakathi kwamabili kuya ku-3 ekuseni.
Uhlu lwezinhlelo nabasakazi: