SIKHONJWA emsakazweni kaMfundisi uNala ozovulwa maduze, isilomo somsakazi esishiye isigubhukane kwiNongoma FM.
UNqubeko Ndlela, osesakaze iminyaka engaphezu kwengu- 15 kulo msakazo, ngoLwesihlanu ufake incwadi yokwesula emsakazweni.
Umthombo othembekile, uthi usejoyine umsakazo kamfundisi uNala, iWOP FM. Lo msakazo osemusha, ozozinza eThekwini, uzokwethulwa ngokusemthethweni ngo-Ephreli 25, nonyaka.
Ngokwesitatimende esikhishwe yilo msakazi akucaci ukuthi yini emenze wasula isigubhukane kulesi siteshi.
“Ngicela ukuthatha leli thuba nginazise ukuthi ngiyasula kwiNongoma FM. Akubanga lula ukuthi ngifike kulesi sinqumo esinzima kangaka sokushiya lo msakazo. Ngiyabonga kakhulu kuNdabezitha ithimba labasakazi, nabalaleli. Ayikho into ebengingayenza bekungiphoqa ukuthi ngesule, angifisi umsakazo ungatholi uxhaso oluvela kumasipala ngenxa yami. Ngibonga abaphathi, abalaleli nethimba lonke leNongoma FM,” kuphetha uNdlela.
Umsakazo iNongoma FM, ukhiphe isitatimende esiqinisekisa ukwesula kwakhe. Baveza nokuthi uzoqhubeka nokusakaza kuze kuphele u-Ephreli, nonyaka. Kulesi statimende umsakazo uchithe izinsolo zokuthi umsakazi uyimbangela yokuthi lesi siteshi singalutholi uxhaso ngenxa yakhe.
Ezinye zezinhlelo aziwa ngazo, uhlelo lwamaNazaretha nelodado, elibizwa ngeWeekend Breakfast Show, alwenze iminyaka eyisishiyagalombili, uhlelo lwantambama iDrive, alwenze iminyaka emihlanu. Usula nje, ubeshayela uhlelo iMorning Drive.