UKUSABALALA koKhozi FM yikona okusolwa njengembangela yokulaxaza iGagasi FM, ajoyine isikhondlkhondla sesiteshi uDkt Nomcebo Mthembu.
NgoLwesine iGagasi FM belunomcimbi wokumemezela abasakazi abasha, nababuyisiwe ezinhlelweni zomsakazo. Yilapho kuvele khona ukuthi uDkt Mthembu, akasabuyi emsakazweni.
Umthombo ongashayi eceleni uthe, uDkt Nomcebo Mthembu uthole ithuba eliyingqayizivele njengoba esezozwakala ohlelweni oluzoshayelwa nguSya Mhlongo, phakathi nezinsuku ebusuku oKhozini.
Uthe uDkt Mthembu uzozwakala ngoLwesine nalapho ezoqhubeka nokukhuluma ngezihloko ezithinta ucansi.
Ngesikhathi Isolezwe ngeSonto lixhumana noDkt Mthembu uthe, kungcono athumele isitatimende esizochaza kabanzi, nangempela sikuqinisekisile ukushiya kwakhe kwiGagasi.
Esitatimendeni akaphumelanga obala ngokuthi uyojoyina uKhozi FM, yize ethembise ukuthi uzomemezela maduze ngezinhlelo anazo.
“Ngithanda ukubonga u-Alex Mthiyane, kule minyaka eyisikhombisa sibambisene kulo mzabalazo wokufundisa abantu ngocansi. Ucansi yinto abantu abangafuni ukukhuluma ngayo kodwa abakhululeke ngoba ngisazotholakala futhi ngiqhubeke nokukhuluma ngezihloko ezithinta ucansi.
“Abalandeli bami kumele bangasuki emakhasini ami ezinkundla zokuxhumana ngoba yilapho engizoveza emasontweni azayo izinhlelo enginazo,” kusho uDkt Mthembu esitatimendeni.
Ebuzwa uMthiyane ngokushiya kukaDkt Mthembu, uthe njengesiteshi bazimisele ukuvundulula ithalente elisha futhi bazomemezela maduze ngozovala isikhala sikaDkt Mthembu.