IZINTATHELI, abasakazi nababhali bahlanganyele ndawonye bekhumbula uqweqwe lombhali nomhlaziyi wepolitiki ongasekho emhlabeni.
U-Eusebius McKaiser, obesemnkantshubomvu kwezokusakaza nokuhlaziya ipolitiki, usebenzele amaphephandaba amakhulu okubalwa kuwo iMail & Guardian, iSunday Times, Foreign Policy, The Guardian, The New York Times neBusiness Day. Ubethandwa ngabaningi ngesibindi sakhe sokukhuluma ngokukhululeka futhi engananazi ngezihloko ezinzima.
UMcKaiser ushone isigubhukane ngoLwesibili olwedlule, ngemuva kokuquleka okusolakala ukuthi bekuyisifo sokuwa.
Inkonzo yakhe yesikhumbuzo ibizolo eThe Empire Venue, eParktown. Ngokwesimemo esishicilelwe kunxuswe abantu abafisa ukuba yingxenye yenkonzo, ukuthi baphathe izincwadi esikhundleni sokuphatha izimbali njengoba abantu bahlale benza.
“Sicela izincwadi esikhundleni sezimbali ukuze sikwazi ukunikela ngazo esikhungweni esifanele,” kusho isimemezelo esifakwe enkundleni iTwitter.
Abasakazi, izintatheli nosopolitiki bahlanganyele ndawonye bekhumbula umhlaziyi wezepolitiki ozakhele udumo ngokubaqonda ngqo, abasezikhundleni ngokuziphatha nangokusebenza kwabo.
Omunye wabasakazi othandwa kakhulu kuleli uRedi Tlhabi, uchaze umngani wakhe njengommese obukhali obegadwa nayilabo abebemzonda ngoba bebelangazelela ukuzwa uvo lwakhe ngezihloko ezahlukene kuleli.
[WATCH] "Even his detractors recognise his genius; they know that he was a necessary force in our society... We cannot deny the fact that Eusebius' voice was so pivotal to our democratic edifice." - @RediTlhabi pays tribute to late colleague and best friend #EusebiusMcKaiser. pic.twitter.com/YiUbqrOSAK
— Newzroom Afrika (@Newzroom405) June 6, 2023
Friend to Eusebius McKaiser Vukani Mde talks of fond memories of the late broadcaster#RIPEusebuis #Euby #SowetanLIVE pic.twitter.com/YMIqHrsU2p
— Sowetan LIVE (@SowetanLIVE) June 6, 2023
LATE BROADCASTER & AUTHOR EUSEBIUS MCKAISER REMEMBERED https://t.co/8o7klWA2xl
— Newzroom Afrika (@Newzroom405) June 6, 2023