KUQALILE ukuvotelwa kwabasakazi besifazane abasafufusa futhi abazimisele ngokuhamba ezinyathelweni zengqalabutho yomsakazi uWinnie “Mafungwase” Mahlangu, kuKhozi FM.
Abasakazi abathathu abadlulele emzuliswaneni wamanqamu emqhudelwaneni, uKhozi FM Next Presenter Competition, bangoMinenhle Minimizer Masondo (30) waseMvulane KwaNongoma, Bongiwe Gwala (29) waKwaMafunze, eMgungundlovu noSne Mkhize (ongatholakalanga).
UMinenhle oqale ukusakaza kwiNongoma FM 88.3 FM kodwa manje osekwiZululand 97.0 FM, uzichaze njengomuntu ohlale efuna izinguquko emphakathini waseNingizimu Afrika.
“Ngiwumuntu wesifazane ozinikela ekusizeni abaswele. Bengikwenza ngokusebenzisa imisakazo yemiphakathi okuyiNongoma FM neZululand FM ukunxusa abantu banikele ukusiza abaswele. Uma ngingathola ithuba lokuba kuKhozi FM, kuzongenza ngikwazi ukulekelela abantu baKwaZulu-Natal naseNingizimu Afrika.”
UMinenhle ufunde oBumbano Primary, eNyonebomvu HP naseSbusiso High ngaphambi kokwenza iziqu ze-Office Adminstration, KwaGqikazi TVET College.
UBongiwe uthe injabulo ayichazeki ngengqayizivele yethuba ayitholile ngoba ubengayilindele. Uthe waqala ezifundela izindaba esiteshini somphakathi Umgungundlovu 107.6 FM kodwa wagcina esebamba uhlelo lukamufi, uMfu Trevor Phoswa.
“Leli thuba enginikezwe lona lokuba kwiTop 3 yoKhozi FM lisho lukhulu empilweni. Kuchaza ukuthi ngizobuyela obizweni lwami lokusakaza ngoba kugijima emithanjeni yegazi lami,” kusho uBongiwe oseshaya isisefo eMills Superspar eHayfields, lapho eqale khona ngo-2018.
UBongiwe wake waba yintatheli kwiNkazimulo Newspaper, wenze izifundo zePublic Relations e-Icesa, eMgungundlovu.
*Ukuvotela uBongiwe uthumela uWinnie C, uMinenhle uthumela uWinnie A kanti uSne uthumela uWinnie B ku-33665. Ukuvota kugcina ngoLwesine ngo-3 ntambama.