UMETHULI wesiminyaminya sasemgwaqweni kuKhozi FM, u-Ayanda Msweli, uyinyathele emsileni kwiNdlunkulu kaZulu ngokuziteketisa ngezibongo zeNkosi uCetshwayo, uSimayedwa Njengelanga.
Isolezwe lithole ngomthombo walo ongashayi eceleni ukuthi uMntwana uThulani Zulu uze wathumelela umsakazi wohlelo lwasekuseni uSipho "Sgqemeza" Mbatha, ekhala ngokuzibiza kukaMsweli ngalezi zibongo zeNgonyama.
Ethintwa uMntwana uThulani uqale wathuka ukuthi lolu daba selukwiSolezwe kodwa wavuma ukuthi uxhumanile noSgqemeza ngalesi sikhalo.
"Thina njengeNdlunkulu kufanele silungise abantu abangamaZulu kodwa singabaphoqi, sibafundise ngoba omunye umuntu wenza into engenalo ulwazi. Kuyasiza ukuba umthole, umlekelele ukuze azi. Kodwa uma eziqhubekela, ngeke usho lutho ngoba ngeke ukwazi ukumlawula."
Uthe naye uMsweli uzobe emcebisa ukuthi umuntu akazibizi ngeNgonyama ngoba kuba sengathi usezilinganisa nayo.
Eziphendulela uMsweli uthe akaziqambanga lezi zibongo kodwa wazinikezwa izinsizwa zasemarenki ngenxa yokubona amagalelo akhe emphakathini.
Uthe yizo ezamfanisa nelanga ngoba zithi limi lodwa qekelele, alinamfowabo nadadewabo futhi likhanyisela izoni nabangcwele ngokufanayo.
"Izibongo zensizwa zivela ngezigameko njengoba nami ngiwu-Ayandamadoda, yingoba ekhaya sizinsizwa ezilishumi. Ukuthi uSimayedwa igama leSilo bengingazi futhi akusilo igama engaziqamba lona kodwa ngalinikezwa yizinsizwa zithi ngiwumholi ogqabula ameketanga kuma-stop and go ngoba ngifika lapho kunenkinga khona, ngifike ngiyixazulule. ."
Uthe ngoba usezwile ngaleli gama, ngeke esazibiza ngalo. "Ngeke ngisaqhubeka uma iZulu eliphezulu ligxobeka amakhona, kufanele ngehlele ngezansi ngoba uma uthuthukisa ulimu awugxobi abagcini balo," kuphetha uMsweli.
UMntwana uthe akukhona okokuqala uMsweli ezifanisa neSilo kodwa sekungokwesibili njengoba ake wazibiza ngeNdlulamithi, okuyizibongo zeSilo uMisuzulu kaZwelithini.
"UMsweli wumuntu okhonze ukudlala, namagama akhe athe phecelezi. Mhlawumbe wakwenza engazi. Yingakho ngingasamuzwa ekusho. Ngiyasola bakhona abamxwayisa, wakuyeka," kuphetha uMntwana uThulani.
Ebuzwa ngokuzibiza ngeNdlulamithi, uMsweli uthe uyakweshwama ngempela ngoba akakaze wakulokotha.
"Umuntu owangizwa kusho ukuthi wangizwa kabi. Ngisho ngingakazi ukuthi iNdlulamithi yiSilo, angikaze nje ngazibiza kanjalo."
Uthe noma kungacelwa izinkulumo zakhe eziqoshiwe emsakazweni ngeke bamuzwe ezibiza ngeNdlulamithi.