SANELE NDLOVU
OWAYEHLABELELA eqenjini lomculo wokholo, iJoyous Celebration uSiphumelele Mbambo, ujoyine isiteshi somphakathi Inanda 88.4 FM.
USiphumelele usengumethuli wohlelo lwezintshumayelo oluba ngoLwesine, phakathi kuka-11 no-12 emini, oluthi Ukukhuluma KukaNkulunkulu. Uthi isizathu sokujoyina uhlelo yingenxa yokuthi uyazithandela izinhlelo ezifukula umphakathi.
"Into ehlangene nabantu ngiyayithanda, ikakhulu uma izobasiza. Umsakazo ungihlanganisa nabantu kanti nomsebenzi engiwenza khona owokusiza abantu, okuyinto engiyithandayo," kusho intokazi eyaduma ngesikhathi iphuma kwiTop 5 yomncintiswano wabaculi abasafufusa, i-I Want To Sing Gospel.
Uqhube wachaza ukuthi yonke into esuke yenzeka ohlelweni noma ayikhulumayo isuke ingahleliwe, iyazifikela.
"Lolu hlelo silubiza ngoKukhuluma kukaNkulunkulu ngoba sisuke singahlelanga ukuthi sizokhuluma ngani kepha sibona ngoba sesikhuluma ukuthi yini efikayo. Ngingasho nje, ngithi kusuke kukhuluma uNkulunkulu," kuchaza uSiphumelele.
Lo mculi uqale ukusebenza eNanda FM ngonyaka odlule, ebasiza ngeminye imisebenzi, kwabe sekuvela leli thuba. Uthi uzizwa sengathi uNkulunkulu umbizele kulo msebenzi wokusiza abantu.
"Mina ngiyashumayela. Ngiyathandaza futhi ngiyacula. Zonke lezinto ziyabaphilisa abantu," kusho lo mhlabeleli owaqhakambisa sigqi somculo waseZayoni, kwiJoyous Celebration.
Ephetha uthe yize esengene emsakazweni kodwa ukucula akakuyekile, usaqhubeka nakho ngoba yinto akhule nayo.
USiphumelele wazakhela udumo kwiJoyous Celebration ngamanoni athi Ngijulise, Thethelela, Ngiyaphi nelithi Iguqulwe.